![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/04/IBHUNU-LEPLAZI-PIC-4-1024x763.jpg)
SHEILA MHLONGO
US’phesihle Mthembu odume ngelika ‘Ibhunu Leplazi’ akawuvali umlomo ngamathuba
awathola emva kokungenela umncintiswano we KZN Namuhla Artists Awards 2022/23,
njengoba esekwaze ukumenywa eziteshini zemisakazo kanye nakomabonakude
(TV)okubalwa ne 1KZN TV ukuthi akhulume ngempumelelo yakhe, waze wathola namacebo
asemsize kakhulu emsebenzini wakhe.
Ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uSphesihle uthe njengoba
waziwinela izindondo ezine (4) ngonyaka owedlule lapho wayengenele khona
amaCategories ehlukene emkhakheni ongaphansi kukaMaskandi kanye naku Afro Pop, w
abalandeli bakhe bakhombisa uthando olumangalisayo bemvotela ngoba bemethemba.
USphesihle uphinde wezwakalisa ukubonga kakhulu kubalandeli bakhe ngenxa yamavoti
abo. Kanti uthe ubona kuyinto enhle ukuthi, kulonyanka amaCiko asezokwazi ukuzuza nawo
njengoba sekukhona nomklomelo we Cash Prize ngaphezu kweNdondo noma isitifiketi
okusho khona ukuthi noMhleli womcimbi uyawacabangela amaCiko.
USphesihle uphinde wakhuthaza amaCiko ukuthi angenele iKZN Namuhla Artists
Awards2024 ngoba lokho kuyowasiza ekukhuphuleni iProfile yawo ukuze nabahleli
bemicimbi babone ukuthi awahlezi phansi, kodwa ayazimisela ngomsebenzi wawo.
USphesihle ube esenxusa abalandeli bakhe kanye nabathandi bomculo kaMaskandi ukuthi
bameseke njengoba ezokhipha iAlbum yakhe ngomhlaka 26 Ephreli.