Sekuqalile ukubhaliswa kwamaCiko azongenela ukuvotelwa emcintiswaneni we KZN Namuhla Artists Awards  2024

Sekuqalile ukubaliswa kwamaCiko asafufusa  azongenela  ukuvotelwa emncintiswaneniweKZN Namuhla Artists Awards 2024. Kulonyaka amaCiko awaqokwa kodwa ayamenywa bese enikezwa ifomu okumele ayigcwalise imininingwane yawo bese ezikhethela umkhakha afuna ukungenela ngaphansi kwawo.

Wonke amaCiko asebhalisile maqede akhokha nemali engu R250 enzelwa amaPoster awo ukuze aphuthume aqale umkhankaso wawo wokunxenxa amavoti ukuze kuthi kufika isikhathi sokuvalwa kokuvota okungumhlaka 15 Agasti 2024, iCiko libe selinamavoti amaningi angakwazi ukulizuzisa umklomelo kakheshi ngaphezu kweNdodo (trophy) noma isitifikethi. 

Lomncintiswano weKZN Namuhla Artists Awards uqale eminyakeni emibili edlule kusukela ngonyaka ka 2024. Lapho bekuqalwa ngokuqokwa kwamaCiko bese kulandele ukuvotelwa kwawo amaCiko ngeSMS. Nokho kulokhu izinto zithe ukwehluka ngoba amaCiko awaqokwa kodwa ajoyina ngo R250 ohambisana nemininingwane yeCiko kanye nomkhakha iCiko elingena ngaphansi kwawo okungaba owodwa noma ngaphezulu.

Uma iCiko seligcwalisile ifomu maqede lakhokha imali engu R250 wokujoyina lithumela ifomu nesithombe salo esicacile ukuze lenzelwe iPoster enemininingwane yokuvotelwa ngemali engu R2 ivoti ngalinye.

Kulokhu akuvotwa nge SMS kodwa ivoti ngalinye lithengwa ngoR2 ngokwemininingwane eyofakwa kwiPoster yeCiko nendlela okwenziwa ngayo.

Izindaba ezimnandi; ezokuthi kulokhu amaCiko nawo asezohlomula ngokuziwinela uCash Prize ngaphezu kwamaTrophy, nezitifiketi  kulabo abayoba namavoti ahambisana nemibandela ebhalwe kwisimemo.

Okunye okuhle ukuthi alikho nelilodwa ivoti eliyolahleka ngenxa yokubheda kweNetwork. Nokuthi kuyoba lula kakhulu ukubala amavoti ngoba iphephandaba iKZN Namuhla nsuku zonke liyokwazi ukuzibonela labo asebethenge amavoti ngempumelelo.

Inhloso yalendlela entsha yokuvota

  • Iphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla alixhasiwe ngakho lidinga izimali zokulisimamisa ukuze liqhubeke likwazi ukushicilela, izindaba, ligaye iphephandaba, likhokhele abasebenzi, liphinde likwazi ukubhekana nezindleko zezokuxhumana okubalwa i-Airtime neData.
  • Ukukhokhela imiklomelo yama Trophy kanye nezitifiketi.
  • Ukuhlomulisa amaCiko  enze kahle ngokuvotelwa.
  • Ukukhokhela izindleko zendawo yokwenza umcimbi.

Ngakho kuwo wonke amaCiko afisa ukungenela iKZN Namuhla Artists Awards asengakwazi ukubhalisa kusukela ngomhlaka 1 April kanti ukuvalwa kokubhalisa kugcina ngomhlaka 15 June bese kuqalwa ukuvota ngomhlaka 16 June. Wonke amaCiko ayobe esethole ama Poster awo anesithombe kanye nemininingwane yonke yokuvotelwa.

  • Ukuvalwa kokuvota kuvalwa ngomhlaka 15 August 2024
  • Umcimbi uyoba ngoMgqibelo womhlaka 7 September 2024 endaweni eyokwaziswa.

Ngakho kumenywa amaCiko avela ezingxenyeni zonke ze KwaZulu-Natali kanye nakwezinye izifundazwe zakuleli amukelekile ukungenela.

Ukwazi kabanzi kungaxhunyanwa noMhleli umama uSheila Mhlongo kuWhats App number :076 887 8136 noma 079 467 9297. Email:editor.kznnews@gmail.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *