Qaphelani ningaphelelwa unembeza nisaphila emhlabeni

Ngiyanibingelela sizwe sakithi, nginibhalele ngo mlayezo omfishane mayelana nonembeza , uMvelinqangi wayengawufakeli ize unembeza emuntwini kodwa wayesenzela ukuthi kube yiyonandlela azomkhuza ngayo uma eqala ukulahleka. Uma siwulahla unembeza noma singakholwa kangakanani sithandaze sekuyize lokho ngoba sesimshiyile umdali . 

Zonke izinto ezimbi ezenziwa ngabantu kwabanye zenzeka ngoba ungasekho unembeza umuntu . Uma unembeza ungasekho nenkolo iyasetshenziswa ukulimaza omunye umuntu . Baqolwa kangaka abantu ezinkonzweni namhlanje ngoba ubuholi bezenkolo buphelelwe ngunembeza. Bayadlwengulwa abesifazane nezingane ezincane emphakathini nasezinkonzweni ngoba unembeza usukile kubantu. Ukuphela kwanembeza ukuhamba kukaNkulunkulu kumuntu. Qaphela ungaphelelwa unembeza usaphila kulomhlaba.

Obhalayo Umfundisi Katlego Nare 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *