
SHEILA MHLONGO
Abe -IEC sebeshicilele badlulisela izitifiketi ezibalelwa ku 14, 889 zalabo abazobe bemele amaqembu ezepolitiki nabazobe ncintisana ukuthola izihlalo ezibalelwa ku 887 kukhetho oluzayo.
“Ukuqokwa kwabazomela amaqembu kuvalwe ngomhlaka 8 Mashi kwalandela ukuqinisekisa kwabaqokiwe kanye nezikhalo, kanti abalelwa ku 70 amaqembu ezepolitiki kanye nabangenele ukhetho ngokuzimela ababalelwa ku -11 abashicilelwe ohlwini lokugcina.” kusho uMnu Sy Mamabolo oyi-IEC Chief Electoral Officer ngoLwesibili lomhlaka 18 Ephreli, eCenturion ePitoli.
Abantu bakuleli bazophinde bathole ithuba lokusebenzisa ilungelo labo lokuvota okhethweni luka 2024 olusezingeni lukazwelonke kanye nasezifundazweni (NPE2024)oluzobe lungomhlaka 29 Meyi 2024. Amaqembu ezepolitiki azongenela ukhetho kuzo zonke izifundazwe ezingu-9, kanye nakuzwe lonke, kanti amanye azobe engenela ukhetho okokuqala.
Ngokocwaningo olumayelana nabagaqele ukungenela ukhetho, luveza ukuthi bangu 58.14% abantu besilisa kube amaphesenti angu- 41.86% wabantu besifazane.
Ngokweminyaka abagaqele ukungenela ukhetho ucwaningo luveza ukuthi baphakathi kuka 40-49 ibona abaningi ngesibalo esingu 4, 361, belandelwa u 3,708 beminyaka ephakathi kuka 50- 59 , 3,406 wesibalo sabaphakathi kuka 30-39 , kuthi abangaphezu kuka 60 weminyaka bona babalelwa ku 1,924, kanti ababalelwa ku 18-29 bangu 1,493, kuphinde kube abaneminyaka engaphezu kuka 80 nabo abangenele ukhetho
Kulokhu abe IEC baveza ukuthi ngisho intsha esukela eminyakeni engu 18 igaqele ukhetho kulokhu, kanti nabesifazane abagaqele ukhetho kwamanye amaqembu babalelwa kumaphesenti angu 50%. SANews.gov.za

