![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/05/SADX-1024x561.jpg)
SHEILA MHLONGO
Njengoba sekusele amaviki ambalwa kufike usuku lokhetho lapho wonke amabombo abantu bakuleli ayobe egcwele izikhungo zokuvota ngomhlaka 29 Meyi eyovotela uhulumeni kazwelonke kanye nowezifundazwe, uNgqongqoshe wezoMbutho wwzokuVikela kuleli uNkk Thandi Modise, useqinisekise abantu bakuleli ukuthi ezokuphepha zizobe ziqiniswe kakhulu.
Lesimemezelo uNgqongqoshe uModise usikhiphe ngesikhathi kade kunesithangami sabezindaba ngeSonto lomhlaka 28 Ephreli ePitoli, lapho ekubeke kwacaca ukuthi benguhulumeni baxwayisa noma ubani ongaba nenhloso yokuphazamisa ukhetho ukuthi ezomthetho ziyobe ziqaphe ngeso lokhozi izenzo zodlame.
“Njengohulumeni sifisa ukuxwayisa noma ngabe ubani onezinhloso zokuphazamisa ukhetho ukuthi ezomthetho ziyobe ziqinisiwe kakhulu ukubhekana nezaphulamthetho ukuze zibanjwe zivalelwe ejele.” Kusho uModise.
Eqhuba uNgqongqoshe uModise uthe akekho umuntu onelungelo lokuvimbela noma esabise abantu ukuthi basebenzise ilungelo labo lokuvotela iqembu abalithandayo abaligunyazwe umthethosisekelo.
“Sifuna ukuqinisekisa umphakathi wakuleli ukuthi sesikulungele ukwenza umsebenzi wethu wokuvikela labo abafuna ukusebenzisa ilungelo labo lokuvotela iqembu abalithandayo ngaphandle kwenkinga.” Kugcizelela uModise.
Ezokuphepha zizobe ziqinisiwe nakakhulu kuzo zonke izikhungo zokuvota kuleli kanye nakwezinye izindawo ezibonakala zingase zibe nobungozi bokuhlaselwa, kanti umthetho owaziwa nge Criminal Matters Amendment Act of 2015, ukubeka ngokusobala ukuthi umuntu obeka engcupheni noma olimaza ingqalasizinda yezwe uphula umthetho futhi angaboshwa avalelwe ejele iminyaka engu 30 yonke.