UBonga ukuzimisela kwakhe u-Enhle ekufezekeni kwamaphupho akhe

 ZUKISWA MTHANTI

Isimo akhule ngaphansi kwaso u-Enhle Nzuza ona (21) wase Mlazi ka J section isona esimenze wazimisela waphinde wabekezele ukuze athole uziqu zakhe ze B.A in Industrial Sociology ne Honours in Sociology konke akuphothule e University of Zululand. Wase ethola ithuba eliyingqayizivele lokofundisa kwelase South Korea kulonyaka.

U- Enhle Nzuza uthe ukukhula kwikhaya elingathathi entweni kumufundise lukhulu empilweni. Ukuphila ngempesheni yagogo wakhe endlini ethi uma kunetha kungene imvula kubaphoqe ukuth bame ngezinyawo kumenze waba nesifiso sokusishitsha lesosimo ngelinye ilanga

“Ikhaya engiphuma kulona yilona elinginika intshisekelo yokuphokophela phambili ngisho kunzima ngoba nginesifiso sokushitsha isimo sasekhaya.Ngisho sengise mfundweni ephakeme bengizazi ukuthi ngizokwenzani.Ngingaphiki nabanye abafundi abenza izinto ezibahlehlisela emuva.Loko okwenze ukuthi ngithole imiphumela emihle kwizifundo zami, bese ngathola ithuba lokuthi ngifundise abanye abafundi khona e-University of Zululand.Ngaphinde ngathola nomfundaze I NRF(National Research foundation) okuyiyona engisize ekubekeni imali yokuya e South Korea ”,kusilandisa u-Enhle ngempumelelo yakhe. 

Uqhakambisa kakhulu ukuzimisela kwintsha yakuleli esafuna okuningi empilweni.Uphinde ungavumeli isimo noma ikhaya ophuma kulo likuvimbe ukuze uphumelele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *