![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/05/Eshongweni-2.png)
ZUKUSWA MTHANTI
Amathemba kwimpucuko endaweni yase Shongweni emva kokufakazisa I Balwin properties
ekutshaleni u R2-billion namuhla ubambisene no Maspala weTheku.
Balinganiselwe kwinkulungwane abantu abaqashiwe nenkampani eziwu 27 ekwakhiweni lendawo ezobe inesibhedlela esizimele ne mall ezobizwa ngeWestown square ezodala amathuba omsebenzi
Iphinde ithuthukise nomphakathi.
IMeya yeTheku ikhansela uMxolisi Kaunda uphawule ngokuth njengoba etshale imali yomphakathi
elinganiselwe ku R600-million ukulungisa umgwaqo, ukufaka amanzi nogesi ukuze kuqiniseke ukuth lomsebenzi uyimpumelelo. Kuzothi uma sekuphele lesakhiwo imvuzo uzobe ungaphezulu kuka 500-millions njalo ngonyaka.
uCarlos Correia i CEO ye Fundamentum properties okade efakwe ohlwini lezikhulumi uphakamise
kakhulu ukubambisana kwakhe ne Balwin properties ekuqinisekeni ukuth lomsebenzi uyimpumelelo.
Umphathi we Balwin properties u Steve Brokes uthe,” Kuyintokozo ukutshala imali kwinto ezothuthukisa umphakathi iphinde isize kakhulukazi kwintsha engasebenze ekuyinto ehlasele izwe lethu. Kubalulekile ukubambisana ekwakheni izwe lethu ukuze nomnotho wesizwe ukhuphuke”.
Inkosi yendawo uShozi idlulise ukubonga kakhulu kubatshali bezimali ukuze indawo yakhe ithuthukiswe iphume nasebugebengwini.