Basale dengwane abantu kuhlasela isishingishane KwaZulu-Natali

SHEILA MHLONGO

Basale dengwane abantu KwaZulu-Natali kuhlasela isishingishane ebesihambisana nemvula enamandla kodwa engathathanga sikhathi esingakanani neshiye icekele phansi imizi, imigwaqo, izihlahla, yaphinde yadlula nemiphefumulo ebalelwa cishe ku-15.

Lesishingishane esihambisana nemvula sihlasele ngoMsombuluko ntambama,kanti izindawo ezithintekile kubalwa, ezingaphansi kukaMasipala weTheku koBallito, Tongathi,Pheonix, Ntuzuma, kuphinde kuhlanganise nezifunda Ilembe, King Cetshwayo, Umzinyathi, Amajuba kanye nakusifunda Umkhanyakude.

Ngokusho kwesitatimende esivela kuhulumeni waKwaZulu-Natali sithi kuqaliwe ukulungiswa nokukhucululwa komonakalo okuhlanganisa ukwakhiswa kabusha kwamakhaya. Ngomhlaka 4 Juni uNdunankulu wesifundazwe uNomusa Dube-Ncube, ehambisana kanye noNgqongqoshe wezokuBuswa ngokuBambisana uNkk Bongi Sithole-Moloi  neMeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kaunda bahambele ezindaweni ezingaphansi kweTheku ezikhahlamezekile ngenhloso yokuhlola ubungako bomonakalo.

Siqhuba isitatimende sithi uma sekuphothuliwe ukuhlolwa kwesimo kuyobe sekuhlanganiswa umbiko omayelana nobungako bomonakalo kuphinde kuqale ukusizwa kwalabo abakhahlamezekile.UMeya uKaunda uveze ukuthi amathimba kuMasipala weTheku amatasa akhuculula umonakalo aphinde abuyisele isimo sokusebenza kwamanzi nogesi ezindaweni eziphazamisekile.

“Sithanda ukwedlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe amalunga ayo siphinde sifisele labo abalele ezibhedlele ukululama okusheshayo, Okuyikho okubalulekile okwamanje ukuthi kusizwe labo abalahlekelwe amakhaya. Sisebenzisana nayo yonke iminyango kahulumeni ukuqinsekisa ukuthi konke kubuyela esimweni esejwayelekile.”Kusho iMeya yeTheku uKaunda.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *