
SHEILA MHLONGO
Abenhlangano ebhekele ukhetho kuleli I-Electoral Commission Of South Africa (IEC) bakhiphe isitatimende kwi Twiter (X) bebonga bonke abantu bakuleli abakwazile ukuphuma ngobuningi babo bayovota ngosuku lokhetho obelungoLwesithathu lomhlaka 29 May 2024.
Siqhuba isitatimende sithi abantu bakuleli ezingxenyeni ezahlukene zezwe, baphume ngobuningi babo baya ezikhungweni zabo zokuvota lapho, belinde khona amahora amaningi, kolayini abade ukuze nabo bafake ivoti labo, konke lokhu bekwenza ngomoya wokuzithoba, ukubekezela, kanye nogqozi olufanayo nalolo lokuqala lwango 1994.
Ngokwesitatimende sithi, lowo oyi Phini loMphathi Jikelele we-IEC, uMnu Masego Sheburi uthe, ikhomishana ikwazile ukulungisa zonke izingqinamba ebezibikwe eziteshini zokuvota, ezimayelana nokungavulwa kwezikhungo ngesikhathi, kanye nezinkinga zemishini yokuvotisa ebingasebenzi kahle.
Zonke izikhungo zokuvota zivalwe ngehora lesishagalombili (9:00) ebusuku kodwa bonke abantu abebevele bengaphakathi emigqeni yezikhungo bakwazile ukuthi bavunyelwe baqhubeke nokuvota. Kanti ezokuphepha nazo bezikhona ukuqinisekisa ukuthi ukuvota kanye nohlelo lokubalwa kwamavoti kuqhubeka kahle ngokuphepha.
“Kubobonke abalinde kolayini abade belinde ukuvota, Siyabonga ngokubekezela kwenu.” Kusho isitatimende se IEC.
Ikhomishana ayigcinanga nje ngokubonga abavoti, kodwa iphinde yabonga nabasebenzi, abasebenze kanzima, amahora amade ukwenza isiqiniseko sokuthi usuku lokhetho luba impumelelo.
“Sibonga kakhulu kubasebenzi be IEC kanye nazo zonke izinhlaka ebesibambisene nazo, ezenze ukuthi I# SAelection24, yenzeke ngempumelelo, siyanibona. Besingeke siphumelele ngaphandle kwenu. Intando yeningi ingeyenu.” kusho isitatimende se IEC.
Imiphumela yokhetho iqale ukungena ngehora lesibili ngoLwesine lomhlaka 30. Oyisikhulu esiphezulu kwikhomishana (Chief Electoral Officer),uMnu Sy Mamabolo uthi kulokhu, kungenzeka imiphumela yokhetho ithi ukuthatha isikhathi eseluliwe, kunangaphambili, ngenxa yokuthi kunamaphepha amathathu okuvota esikhundleni samabili.SAnews.gov.za.

