Kusangenzeka noma yini embusweni kahulumeni waKwaZulu-Natali njengoba kungekho iqembu elidle umhlanganiso ngamavoti angaba u2/3rd majority. Lona umbono womhlaziyi wezepolitiki ozimele uMnu Zakhele Ndlovu.
Nakuba iqembu loMkhonto weSizwe Party liwahola phambili amanye, kodwa nalo alinawo amavoti angenza ukuthi libe uhulumeni ozimele ngayedwana njengoba lithole izihlalo ezingu-37 nje kuphela ezigunyaza ukuthi lingene esiShayamthetho saKwaZulu-Natali.
Kuzokhumbuleka ukuthi iqembu le-IFP ilona elelama iMK Party ngezihlalo ezingu -15, kube ele ANC ngezihlalo ezingu-14, kube ele DA ngezihlalo ezingu- 11, lilandelwe ele-EFF ngezihlalo ezingu -2 kugcine ele NFP ngesihlalo esisodwa.
Ngokusho komhlaziyi wezepolitiki uMnu Ndlovu uthi kusangenzeka ukuthi lamaqembu afana ne IFP, ANC, DA, EFF, kanye ne NFP uma evumelana ngokwemibono nangokwamavoti anawo, angakwazi ukuthi akhande uhulumeni wobambiswano, bese iqembu leMK Party ligcine ngokuba eliphikisa ngokusemthethweni.
Ngakolunye uhlangothi umhlaziyi wezepolitiki uSolwazi Bheki Mngomezulu uthi kusengenzeka futhi ukuthi kube nomthelela ongemuhle uma kwenzeka iqembu elithile liqoka ukusebenzisana nelinye kanti abavoti bona abakholelwa yilona. Lokhu okungenza ukuthi iqembu lithole isijeziso uma sekuza kukhetho lohulumeni baseKhaya ngonyaka ka 2026
NgeSonto lomhlaka 2 Juni,2024, abe IEC KwaZulu -Natali bethule imiphumela yamavoti akwaZulu-Natali okube ngemuva kokhetho olube nokuthula nolungenazo izihibe. Kulomcimbi obubanjelwe e-ICC eThekwini, obuthanyelwe, uNdunankulu wesifudazwe.uNkk Nomusa Dube-Ncube kanye nawowonke amaqembu ezepolitiki, kuhlanganisa noNobhala wesiShayamthetho uNksz. Nerusha Naidoo.
Ethula inkulumo yokwamukela imiphumela yamavoti uNdunankulu uDube-Ncube uthe, lemiphumela ikhombisa ibanga lohambo lwentando yeningi eselihanjwe abantu baKwaZulu-Natali, futhi lemiphumela, iyizinkomba zentando yabantu.
UDube-Ncube ube esebonga bonke abantu baKwaZulu-Natali ngokubamba iqhaza okhethweni lwalonyaka ka 2024.
Nakuba iqembu loMkhonto weSizwe Party kuyilo elihamba phambili ngokwamavoti lapha KwaZulu-Natali, kodwa lona kanye namanye amaqembu ezepolitiki lizwakalise ukungenami mayelana nemiphumela yezibalo zamavoti, njengoba likhala ngokuthi kube khona umkhonyovu owenziwe abakwa IEC ngesikhathi sokubala kwamavoti, lokhu elisola ukuthi kwenziwe ngenhloso yokuthi, lithenwe amandla ngoba belibonakala ukuthi lihamba phambili kuzwelonke kanye nakwezinye izifundazwe, njengoba nalapha eKZN lingeneme ngesibalo sakhona.
Uma sibheka isibalo sabavoti lapha KwaZulu-Natali ngokwamaphesenti sime ku-61,83%, ngokwezibalo simi ku- 3,508.131, kanti ngokwamavoti onakele abalelwa ku- 39,761, okuyinto nokho ethanda ukunganambitheki kahle ikakhulukazi njengoba kunezinsolo zokuthi kukhona okukhala santungwana kwamanye amaphepha okuvota abebonakala ezinkundleni zokuxhumana kunamabhokisi ka IEC, nokho okuyinto engaqinisekisiwe. Kodwa abaholi beqembu loMkhonto weSiwe nabo bathi banabo ubufakazi obuphathekayo obuqinisekisa izinsolo zomkhonyovu.
Nokho akwaziwa mbhantshi kujiya ukuthi kuzogcinela kuphi njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela iphephandaba iKZN kungakatholakali ulwazi mayelana nokuthi yini ezokwenzeka ngeqembu loMkhonto weSizwe Party.