
Okhulumela ezenkolo ngaphansi kwenhlangano abefundisi u Bishop Mthethwa ukhale ngokuthatheleka phansi kwenkolo yobuKristu kumabonakude emdlalweni umkhokha. Ukhale ngokuthi kobanzima ukudlulisa inkolo yobuKristu Emphakathini njengoba lomdlalo ucindezela inkolo yobuKristu ngokuthi lenkolo okuyiyona ebusayo kulomdlayo ihlezi yenza ababukeli baphelelwe lithemba ekulandeleni inkolo yobuKristu.
Uqhubeke wathi akunankinga ukuphakanyiswa kwenye inkolo kodwa kuyinto engalungile uma kuphakanyiswa leyo nkolo abayithandayo ngokudicilela nokwehlisa isithunzi senye nkolo njengoba kwaziwa ngomdlala wo Mkhokha ukuthi ubanzi kwinkolo yaManazaretha kakhulu.
Singabefundisi asinankinga nomdlalo kanye nenkolo kodwa sinenkinga uma kuzobukelwa phansi nkolo yobuKristu, Uma ngabe kuphakanyiswa inkolo thizeni ayiphakanyiswe kodwa kungafakwa enye inkolo ngoba lokho kuyinto engalungile futhi ezokwenza kube nzima ukuzuza abantu noma abenkolo yobuKristu ngendlela evezwe ngayo njengoba ivezwe njengenkolo engenamandla ikakhulukazi ezigabeni eziningana nanalesi okuyisona esisenza singaphatheki kahle isigaba sango mhlaka 04 June 2024.
Spokesperson of Newcastle Religious Council – (Bishop Mthethwa) ophawulile.

