![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/06/RAMAPHOSA-RECEIVING-THE-ELECTION-RESULTS-OUTCOME-PIC-1024x871.jpg)
SHEILA MHLONGO
UMengameli wakuleli uMnu. uCyril Ramaphosa unxuse amaqembu ezepolitiki ukuthi kumele ahloniphe intando yabavoti ngoba bazikhethele bona ngokwabo amaqembu abawathandayo. URamaphosa ukusho lokhu ngesikhathi emukela ngokusemthethweni imiphumela yokhetho lukazwelonke kanye nolwezifundazwe ebikade yethulwa abenhlangano emele ukhetho IEC eMidrand eGauteng, kusihlwa ngeSongo lomhlaka 1 Meyi 2024.
“Noma siyathanda noma asithandi, kumele sihloniphe intando yabavoti, ngoba bazikhethele bona amaqembu ezepolitiki abawathandayo.” Kusho uRamaphosa.
Eqhuba uRamaphosa uthe abantu bakuleli bayalithanda izwe labo, imiphumela yokhetho ikhombisa intando yabantu, ngakho babheke ukuthi amaqembu ezepolitiki asebenze ngokubambisana njengoba kungekho iqembu okuyilo elidle umhlanganiso.
“Izihlalo esabelwe zona ngokwezibalo zamavoti esiwatholile ePhalamende akuzona ezethu kodwa ezabantu abasithumile.” Kuchaza uRamaphosa.
URamaphosa uchaze wathi lolukhetho belukhululekile futhi lungenazo izihibe, konke kuhambe kahle ngokuthula ngaphandle kwezigameko ezimbala zokwesabisa kanye nodlame.
“Singasho ukuthi konke lokhu kungenxa yomsebenzi oncomekayo owenziwe abe IEC, kanye nezinhlaka ezahlukene okubalwa amaqembu ezepolitiki, abaholi kwipolitiki kanye nabobonke abantu baseNingizimu Afrika.”Kubeka uRamaphosa.
Ephetha uRamaphosa ubonge kakhulu umsebenzi omuhle owenziwe abe IEC wokuqhuba ukhetho ngempumelelo, waphinde wabonga bonke abantu bakuleli ngokhombisa ukuthanda izwe labo, wabonga zonke izinhlangano zepolitiki, waphinde wengeza ngokubonga izingqapheli zakuleli kanye nezakwamanye amazwe angaphandle, kanye nezinhlaka zezokuphepha kuleli.