AbadansibaseThekwini bathembisa lukhulukumaWorldChampionships eGermany

SIFISO CELE

Izilomo zomdanso ezingaconsi phansi KwaZulu Natal, uNkululeko Khumalo kanye no

Sthembile Ndwalane baqokwe ukuyomela elakuleli emqhudelwaneni wonyawo lwempungushe

Ozoba seGermany ngoMfumfu kulonyaka. Labadansi bazomela elakuleli ngaphansi komqhudelwano okuthiwa yi WDSF World Championships esigabeni se Adult Standard. Ukuqokwa yinhlangano

Eyengamele ezomdanso eNingizimu Afrika i Federation of Dance Sport South Africa kulandela ukuthi labandansi benze kahle kakhulu ngonyaka ofile lapho baqwaqwada emakhanda bonke abadansi uma sekuhlanganiswa wonke amaphuzu onyaka, baziwinela iNational Champions League.

uNkululeko Khumalo uthi akakholwa ukuthi ekugcineni iphupho lakhe leminyaka selizofezeka

njengoba aqala ukudansa esebomvana eneminyaka eyisishiyagalombili nje kuphela kuze kube manje. UKhumalo uthi lomqhudelwano azomela elakuleli kuwo uzobe ethwele iNingizimu Afrika yonke, Kuwo ngokukhulu ukuzigqaja aphinde ahloniphe ngawo umqeqeshi wakhe uDokotela Sakhiwo Tyiso odlule emhlabeni ngonyaka ofile. Uthi kumzwisaubuhlungu ukuthi uze wathola lelithuba engasekho uDr. Tyisoemhlabeni ekubeni asebenza ngendlela encomekayo ukumkhulisa emdansweni emnika neziyalo empilweni isiyonkana.

USithembile Ndwalane uthi yena akakholwa ukuthi amaphupho abo njengoba bengamajuba(couple) nje kulomdanso asheshe kangaka ukufezeka ekubenibengakahlanganisingishoiminyaka emibili nje  bedansa ndawonye. Uthi uthanda ukubonga bonke ababe negalelo ekubenzeni abadansi abayibo namuhla okufaka abazali; abaqeqeshi nezikhulu zomdanso ngokwahlukana kwazo. Yena ubonga kakhulu uMnumzane Lungani Makhaye osefana nobaba isibili kuye ngeziluleko amakha ngazo

selokhu aqala ukudansa ngaphansi kwesandla sakhe.

ONkululeko Khumalo noSthembile Ndwalane babhekene nengwadla yokungazi ukuthi izovelaphi imali yokuya phesheya njengoba inhlangano yomdanso ibaxhasa ngendawo yokulala izinsuku ezimbili kuphela uma sebephesheya. Labadansi kumele bazihlanganisele imali yokugibela amabhanoyi; eyama VISA kanye neyokudla. Bathe bavule izandla bakhangeze nomay iluphi usizo ngisho lungangakanani ukuze kuphumelele loluhambo kufezeke nephupho labo nezwe labo limelekekahle. Uma kukhona onesifiso sokuphons autho esivivaneni angathintana nemenenja yabo uMnumzane Sifiso Cele ku 082 681 2739 noma abathinte labadansi emakhasiniabo ezinkundleni zokuxhumana kuFacebook: Nkulu and Sthe kantike ku Instagram: @nkulu.and.sthe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *