IMIBONO YENTSHA IQOQWE: UNOMTHANDAZO MAGOSO
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/06/image-15.png)
UMBONO KA : AYANDA NGUBO NGENYANGA YENTSHA
“Njengomuntu omusha ngiluthokozela kakhulu lolusuku lokubungaza impilo yabantu abasha abafa belwela inkululeko yemfundo yakuleli njengabantu abasha. njengendlu emnyama kwakungeke kube lula ukuba siqhubeke sifunde ngaphansi kwencindezelo yokufunda ngezinye izilimi.
“njengamanje sikhululekile siyintsha sikwazi ukufunda ezindaweni esikhathini esedlule esasingakwazi ukufunda kuzo, nangokufunda ngezilimi esikwaziyo ukuziqonda kangcono. ngiyawabonga amagalelo entsha yango 1976 yize kwakubuhlungu ukulahleka kwemiphefumulo yabo, kodwa babangamaqhawe angasoze alibaleka ngiyaziqhenya ngezinqalabutho ezayibeka induku ebandla, namuhla sifunda ngenkululeko ngezilimi zethu ngenxa yabo.”
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/06/image-16.png)
UMBONO KA: SISANDA GUMBI NGENYANGA YENTSHA
“Kumina njengomuntu omusha umhlaka 16 Juni usho lukhulu, phela kwachitheka igazi lamaqhawe ethu elwela thina bantu abasha ukuze sibe nemfundo engcono. Umzabalazo walentsha wawuseSoweto ngo 1976. waqala ezikoleni zabantu abamnyama ngoba abafundi belwela i-Bantu Education.
okusho ukuthi abafundi babelwela amalungelo abo,ukuze silingane namabhunu, njengoba kwakufundwa ngolimi lwesibhunu ezikole, babebhikishela lokhu. ngiyaye ngifake umfaniswano wesikole lokho kukhomba ukukhumbula amaqhawe ethu nokuwahlonipha.Lubalulekile kakhulu lolusuku kimi lunginika ugqozi lokuthi ngifunde ngokuzimisela”.
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/06/image-17.png)
UMBONO KA: THABISO ZWANE NGENYANGA YENTSHA
“Ngalolusuku kwalahleka imiphefumulo engenacala intsha yakuleli ukuthi ikhululeke kwezemfundo, yizeke lentsha yanamuhlanje ingakuboni lokho kube kukhona abafa bezabalazela lenkululeko yemfundo esesinayo.
Engikufundile ukuthi intsha yabantu ayisaphatheki,ayihloniphi lenkululeko yemfundo eyaziwa abafundi bebhikisha eSoweto ngo 1976, thina njengentsha siyakhohlwa ukuthi kunabazali, nemizi eyahanjelwa zingane zabo ngenxa yokulwela imfundo okuyilapho esingayinakile, abanye bantwana emgwaqeni esikhundleni sokuzikhandla ngemfundo. uJune 16 ubalulekile muntu omusha, yebo ubungazi ngiyakholwa usuyazi,yebo ubusulibele ,khumbula!!, sukuma ulwe uhloniphe lolusuku luyisindo kuthina sonke kumele silugubhe ngendlela enenhlonipho
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/06/image-18.png)
UMBONO KA: THENJIWE ANGEL MAGOSO NGENYANGA YABANTU ABASHA
Usuku 16 Juni ilapho sibungaza futhi sikhumbula intsha yabafundi eyahamba emhlabeni ngenxa yokulwela imfundo okubalwa kubo Hector Peterson ungomunye owasala enkundleni yaseSoweto. lapho kwakunomholi wetoyitoyi oku Steven Biko, yena waboshwa, akashonelanga enkundleni yokudutshulwa amaphoyisa obandlululo.
isiphetho kwaba yikho ukushonela ejele, lentsha yalwela mina nawe muntu omusha ukuthi kuyekwe ukufunda ngesibhunu ezikoleni, kuyekwe lento yokungalingani kwizinsiza kufunda njengoba ezabamhlophe izikole zazihlala zinazo kodwa ababebala elinsundu benokucwaswa yilapho amabhunu eSoweto avulela ngenhlamvu kulentsha, isifundo engisitholile ukuthi asiluthande lolusuku siyintsha futhi singabafundi siluhloniphe ngoba inkululeko esinayo kwezemfundo kungenxa yabo