UMengameli uRamaphosa  ufungiswe ihlandla lesibili

SHEILA MHLONGO

Kufungiswe uMnu Cyril Ramaphosa esikhundleni sokuba uMengameli waseNingizimu Afrika okuyihlandla lesibili emva kokhetho luka 2024.  URamaphosa ufungiswe uChief Justice Raymond Zondo eUnion Building ePitoli, ngoLwesithathu lomhlaka 19 Juni 2024. Ukufungiswa kukaMengameli kuyisiqalo sombuso wentando yeningi wesikhombisa (7) eNingizimu Afrika.

Ethula inkulumo yakhe emva kokufungiswa uMengameli uRamaphosa, ube esenxusa wonke amaqembu ezepolitiki ukuthi abeke eceleni ukungaboni ngaso linye bese esebenzisana, njengabantu baseNingizimu Afrika,njengesifiso sabavoti.

“Abantu baseNingizimu Afrika bakugcizelele ukuthi bakhathele amaqembu ezepolitiki alokhu elibele ukukhombana ngeminwe. Abantu bafuna ukuthi sibeke izidingo zabo phambili, futhi bafuna sisebenze ndawonye ukuze izwe lithuthuke.”

“ Namuhla ngimi lapha phambi kwenu njengesisebenzi senu esizithobayo, ngifisa nokusho futhi, ukuthi sinizwile.” kusho uMengameli uRamaphosa emi phambi kwe Union Building.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *