SHEILA MHLONGO
Ihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natali selikhiphe isexwayiso esimayelana nezikhangiso zomsebenzi ezidukisayo ezisatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana kanye nakwezinye izindawo.
Ngokwesitatimende esikhishelwe abezindaba sithi lezikhangiso zifana nalezo ezazikhishwe nyakenye uhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natali ngo August 2023 ngaphansi kohlelo lweSthesha Waya-Waya lomkhankaso wokuqasha.
Siqhuba isitatimende sithi lezozikhala zemisebenzi sezavalwa ngoba seluphothuliwe nohlelo lokuqashwa. Azikaze ziphinde zikhangiswe izikhala. Zonke izikhala zemisebenzi kuhulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natali zishicilelwa ohlelweni lokuqasha lukahulumeni kanye nakwi-website kahulumeni.
Ihhovisi likaNdunankulu libe seliqinisekisa isexwayiso sokuthi lezikhangiso zemisebenzi ezikhishwa ezinkundleni zokuxhumana ziqonde ukudukisa abantu baseNingizimu Afrika abazimisele ngokufuna amathuba emisebenzi ngokweqiniso. Labe selinxusa abantu ukuthi baqaphelisise uma befaka izicelo zemisebenzi.
Isitatimende siphetha ngokuthi abantu bayanxuswa ukuthi baqaphele ukuthi uma befuna izikhala zemisebenzi basebenzise amaphephandaba asemthethweni noma babheke naku website kahulumeni waKwaZulu-Natali www.kznonline.gov.za/kznjobs.