UArthur Zwane ushiye isikhundla sokuba  nguNobhala jikelele we-MK Party

OWAMI THABETHE

Lowo owabe enguMengameli wezwe uMnu Jacob Zumama nje osengumholi weqembu le-MK Party  usekhiphe abaholi ababili abaphezulu beqembu ezikhundleni zabo ngokushesha.

U-Arthur Zwane usule esikhundleni emva kokukhonjwa indlela benozakwabo ongu Mgcinimfa uDanisa Zulu ngencwadi eyayibhalwe umholi waleli qembu uMnu Jacob Zuma ngoMhlaka 28 June 2024.

Encwadini uZuma uzwakalise ukubonga kwakhe ngomsebenzi mayelana nomsebenzi oncomekayo owenziwe ilaba holi bobabili kanye namagalelo  ababenawo  ekuguquleni iqembu le MK. UZwane ubebambe isikhundla sokuba nguNobhala Jikelele emasontweni amabili edlule ngesikhathi ethatha lesi sikhundla kuMnuz Sihle Ngubane wafakwa ePhalamende njengoSotswebhu weqembu.

Kwenye incwadi yangoJulayi 1, uZwane uthe uyasula esikhundleni sakhe ebalula imbangela yomsebenzi. Uthe umthamo womsebenzi ehhovisi lakhe uphazamisa amanye amabhizinisi akhe. Encwadini uZwane uveze ukuthi emasontweni amabili edlule  ubone umsebenzi umkhulu kakhulu e hhovisi lakhe futhi ngaphezulu kwamandla akhe. Uphinde wagcizelela ukuthi uyohlezi ekhona ukusiza ngezinye indaba zenhlangano kodwa ngokungagcwele.

Kulindeleke ukuba umholi we MK aqoke unobhala omusha wenhlangano.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *