![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/UMHLELI-PHOTO-WESITE-3-1024x705.jpeg)
UMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa umemezele ikhabhinethi yakhe entsha ngaphansi kukahulumeni wobumbano (GNU) okunguye ozohola izwe kuleminyaka emihlanu ezayo.Leli khabhinethe lixube oNgqongqoshe beminyango avela kumaqembu ehlukene ezepolitiki abalelwa ku 11.
Lekhabhinethi exube amaqembu ehlukene ezepolitiki, iza ngemuva kokuthi iqembu leANC ebelikade liqhoqhobele izintambo zombuso iminyaka engamashumi amathathu (30) selokhu leli lathola inkululeko, lehlulekile ukuqoqa amavoti anele ukuthi likwazi ukubusa ngalodwana ngesikhathi kunokhetho luka 2024 ngomhlaka 29 Meyi.
Nakuba isifiso seANC sokunqoba ukhetho singafezekanga kodwa sesingasho ukuthi, isifiso sabantu bakuleli sokuphuca leliqembu amandla okubusa lodwa, sona sifezekile okungakho nekhabhinethi ixube amaqembu ezepolitiki ngenxa yentando yabavoti.
Kuleminyaka engamashumi amathathu iqembu le ANC liqhoqhobele izintambo zombuso kuningi okube noshintsho emva kweminyaka eminingi izwe lalingaphansi kombuso wengcindezelo.
Yebo siyavuma ukuthi iqembu leANC likwazile impela ukushintsha izimpilo zabantu bakuleli kwaphela imithetho eyabe icindezela umuntu omnyama, kodwa okwathi ngokujwayela amandla eqenjini le ANC kwaqala kwaba nokungahambisi kahle izinto,lokhu okudale okukhulu ukudumala kubantu bakuleli nokuphethe ngakho ukuthi kuze kudaleke lamaqembu amaningi kangaka ezepolitiki esiwabonayo iningi lawo eliphuma kuyona kanye iANC, lapha singabala, UDM, COPE, EFF, uMkhonto weSizwe Party, kanye namanye.
Sengiphetha singasho ukuthi uhulumeni wobumbano kungenzeka ube nomthelela omuhle kakhulu kubantu bakuleli ngoba phela lamaqembu ayingxenye yawo azokwenza isiqiniseko sokuthi alungisa wonke umonakalo owenziwe uhulumeni weANC bese kuthi nayo uqobo iANC isebenze ngokuzimisela ngoba ifuna ukubuyisela ukwethenjwa abantu.