Imibono yomphakathi mayelana nohulumeni  omusha wobumbano eNingizimu Afrika

IMIBONO IQOQWE : UNOMTHANDAZO MAGOSO

UMbono ka Londi Imani Myeni waseJozini endaweni yaso BonjwenI

 Ngokufunda ngihlala  eThekwini eCitylife .Ngesingami ngilindele ukubona ushitsho olukhulu eNingizimu Afrika njengokuthuthukiswa kwenzindawo zasemakhaya ,kwakhiwe imigwaqo ,kufakwe amanzi kulezindawo ezingenamazi futhi kwakhiwe izinkundla zemidlalo loko kungasiza ekulwisaneni nezidakamiswa entsheni njengoba igxile kwizidakamizwa

Okunye silindele ukubona amathuba emisebenzi amaningi,sidinga uhulumeli alwisane nobugebengu obudlangile Kanye nokubulawa kwabantu osekuyinsakavukela kuhle kwesicholo sesidwaba

UMbono ka Bongiwe Makhanya  Avoca Hill

Ngokwakhe uthanda  ukuthi lohulumeni wombumbano   asebenzisane bakubeke eceleni ukuthi baphuma kwinhlangano ezahlukene kodwa basebenzele abantu base  South Africa  udale amathuba omsebenzi kakhulukazi  kulezingane ezinama degree ezihlezi emakhaya ekade zaqeda lutho umsebenzi noma abantu nje bebonke e South Africa abangasebenzi  akhiphe nemali yokuthi  ngesikhathi ezama ukudala amathuba emisebenzi  abe eqeqsha abantu ngamakhono ehlukene azokwenza bakwazi ukuziphilisa ngemisebenzi.

 Ngifisa ukubona  lohulumeni wobumbano ungavumeli amanye amaqembu ezepolitiki ebahlakaza  ngezinkulumo nangokunye bona nje abaqine babambane basebenzele abantu bakuleli.

UMbono ka Thabsile Manqele ohlala KwaMashu

UHulumeni wobumbano  akasize  angenelele kakhulu ekususeni abantu bokufika kuleli ngoba basimoshile laba bantu ..laba nje abahleli lapha ezweni lethu bengenazo izincwadi ezigunyazayo ukuba mabahlale kuleli.

Labantu banama tuckshop asithengisela izinto ezingasekho esimweni esikahle bathengisele ingane zethu ebese ziyagula ziphangalale. Baphinde babe nokushushumbisa izidakamizwa kuma teenagers wethu aphelelwe nayisimilo esefuna lezidakamizwa.

Kungajabulisa kakhulu ukubona ushintsho kwindlela uhulumeni aphatha ngayo osomabhizinisi bakuleli abasafufusa ebacathulisa kancane kancane  beze babesezingeni elihlonishwa umhlaba wonkana, lokho kungasiza kuphinde kuvule  amathuba omsebenzi lawa antulekayo

UMbono ka Hope Zulu Sibiya

Bakwethu Asike Siqale la mina nje ngokwami ukubona akukho Hulumeni wabumbano lana, siyakhohliswa into ekhona abantu  abaqala ukuzithuthukisa bayazicindezeleka, lo Hulumeni wobumbano  ukusibuyisela emuva kwisikhathi sobandlululo .Yazi ngifuna nje ukukusho kugcwale umlomo iANC kanye noRamaphosa badlala ngathi yini,  eyenza uANC wenze iCollision neDA??ngale kokuthi  bafuna ukusibuyisela emuva  esikhathin sobandlululo akukho nje okunye.Uzozwa nje kungekudala kuzobe sekunezindawo esingeke thina sikwazi ukungena kuzona. Elami sengiphetha nje ngimile kwelithi akukho Hulumeni lwabumbabo la.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *