UMNYANGO WEZEMIDLALO NOBUCIKO NAMASIKO KWAZULU-NATAL WETHULE UMJAHO WEMINYAKA YONKE DUNDEE JULY

NOMTHANDAZO MAGOSO

NgoMsombuluko 1 Julayi,  uMasipala waseNdumeni wethule ngokusemthethweni i Dundee July. Lomjaho wamahhashi uthulwe ngokusemthethweni u Ngqongqoshe wezeMidlalo Kwazulu Natali uMhlonishwa  Mntomuhle  Khawula. Bekumenywe abezindaba ukuzothamela ukwethulwa kwezinhlelo zakulonyaka.

UNgqongqoshe wezeMidlalo nobuCiko namaSiko  umemezele ukuthi umjaho omkhulu uzoba mhlaka 20Julayi  2024 enkundleni yezemidlalo i Ndumeni Horse racing track field. Uqhubeke esekhuluma izindaba izimnandi ezithi kulonyaka ihhashi elizonqoba lizogoduka no R300 000 bese kuthi u Jockey yena agoduke no R30 000. Wamemezela nokuthi osomabhizinisi basendaweni abasondele nabo ukuzokhangisa ngemisebenzi yabo eyahlukahlukene .sibala ekudayiseni izinto ezinjengo,  izithelo, oswidi kuya kulaba  abapheka ukudla ababizwa phecelezi food Mobile kukhona osomabhizinisi ababukisa ngemisebenzi yabo beyisusa ezindlini beyiletha kubantu ebalula Mobile beauty spa & training academy ka Mabongi Mthethwa.

Amahhashi azobe ebhekiwe kulonyaka mhlaka 20July 2024 u Mbayimbayi,aMazondo, Eliya, Nxakanxaka kanye Barcelona. Kuzobe kukhona namahhashi aphuma e Mpumalanga, Estern Cape, Free State kanye ne Gauteng.Kanye nomtelebhelo wamahhashi ojockey abancane beginyaka engu 12 yokuzalwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *