kwethulwe ikwaya iThekwini Gospel Music Crescendos

LONDEKA HLATSHAYOUmoya wendumiso nokukhonza ubusezingeni eliphezulu ikwaya yeThekwini Gospel Crescendo icula ingoma yayo ngosuku  lokwethulwa kwalo leli khwaya. Lo mcimbi wethulwe eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre mhla zingama-zingu 30 Juni 2024.Ikhwaya ihlanganisa abangu-27 abaphume phambili abebephakathi kwamakhulu abantu abasha abahlolelwe ukuba yingxenye yekhwaya. Ibamba leNhloko yoPhiko lwamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko uMnu. Zakhi Mkhize lihlabeke umxhwele ngekhono elikhonjisiwe. “Ngijabule ngezinga lezwi kanye nethalente lomculo elikhonjiswe yile ntsha,” kuchaza uMnu. Zakhi MkhizeUncome ukuqeqeshwa kwekhwaya okwenziwa ngabaculi abanamava abasebenza ngokuzikhandla beqinisekisa ukuthi abazongenela lo mqhudelwano baqeqeshwe ngendlela futhi sebekulungele ukubeka unyawo lwabo phambili.Ukusebenza ngokuzikhandla nokuqeqeshwa kanzima abangenele lo mncintiswano belungiselela lo mcimbi sekuthele izithelo ezinhle. Bonke banekhono ngokwedlulele.” kwengeza uMnu. Mkhize.Ethekwini Gospel Music Crescendos ingezinye zezinhlelo zoMkhandlu zokuthuthukisa ithalente lakuleli.USthabile Shandu waseNanda, oyilungu lekhwaya, uncome uMasipala ngaleli thuba esilithole kanye empilweni. “Ngibonga uMasipala weTheku ngaleli thuba elihle kangaka. Ngiyethemba ukuthi umphakathi uzoqhubeka nokuseseka ohambweni lwethu,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *