![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/image-16.png)
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/image-17.png)
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/image-18.png)
U-Owami Sphalaphala Mthembu(7) wase Pinetown kwaNdengezi oyi finalist emncintiswaneni wokuba u Miss EThekwini Municipality Role Model unamaphupho amakhulu ngempilo yakhe.
U-Owami ufunda e Crescentridge Primary School ungumntwana ohlakaniphile kakhulu esikoleni obonisa uthando lokufunda, akagxilile emsebenzini weskole kuphela kepha unesiphiwo sokudansa, ukucula,ukulingisa, kodwa ugqame kakhulu ngoku modela. Uqale ukungenela imincintiswano yonobuhle eneminyaka eyisithupha.
Ohambweni lwakhe kulendima yokumodela engenela imincintiswano akaze abuye elambatha. Ungumntwana ozithemba kakhulu futhi alikho ithuba afune limedlule uma nje liqondene nokumodela. Aseqalile amalungiselelo okungenela u Miss EThekwini Municipality Role Model, okubalwa ukuhlangana nekhansela lendawo, ekusizeni umphakathi, ukuvakashela ama radio stations, ukufunda ukuba usomabhizinisi omncane, ukudayisa amathikithi omcimbi kanye nofuna umuntu ozomuxhasa.
Uthi iphupho lakhe elikhulu ukuba ngudokotela njengoba ezoba ngowokuqala emndenini wakhe ukuba ngudokotela kanti uyatholakala kuwhats App : 079 477 9438