OWAMI THABETHE
Emizamweni yokubhekana nezikhalo ngokuphepha kwaMakhosi esifundazweni, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, uyalele uMnyango ukuthi uthole izisombululo eziphuthumayo ukuze kuliwe nokubulawa kwaMakhosi.
UButhelezi uhlabe leli khwelo ngesikhathi ehlangana okokuqala nabaholi beNdlu yoMdabu KwaZulu-Natal nabaholi bamaKhoisan obuseThekwini. Lo mhlangano ubuhanjelwe nabamele izindlu zasendaweni ezifundeni ezingu-11 esifundazweni.Kulo mhlangano, aMakhosi ngomlomo kaSihlalo weNdlu yoMdabu kanye nabaholi bamaKhoi-San, iNkosi uShinga, ethule uhlu lwezinkinga abona kufanele uNgqongqoshe azibhekisise njengoba esaqhubeka nomsebenzi wakhe. UButhelezi ukugcizelele ukuthi Amakhosi esifundazweni aneqhaza elibalulekile okumele alibambe ekubumbeni izinkulumo ezithinta isikhungo sobuholi bomdabu kuleli.
“Inhloso yethu wukuqinisekisa ukuthi Amakhosi aphathwa ngenkulu inhlonipho, aphinde avunyelwe ukugqugquzela intuthuko emiphakathini. Sizoqoqa ulwazi lwezomthetho oludingekayo ukuze lusisize kulolu hlelo,” kusho uButhelezi.UNgqongqoshe uphinde waqinisekisa aMakhosi ukuthi lezi zindaba ezikhulunywayo zizodingidwa kabanzi emhlanganweni ophakathi kukaNdunankulu nawo wonke aMakhosi esifundazwe, lapho kuzobe kukhulunyelwa khona ngemininingwane mayelana nokuthi yini ezokwenziwa wuhulumeni wesikhombisa kulesi sikhungo.
UButhelezi uphinde wamemezela ukuthi usejube uMnyango ukuthi uqashe abasebenzi abangu-241 be-Expanded Public Works Programme (EPWP) ukuze basize ekukhucululeni iTraditional Administrative Centres.NgoJanuwari 2024 abaholi bomdabu esifundeni iKing Cetshwayo banxusa uhulumeni ukuthi aqhamuke nezisombululo eziphuthumayo ukuze kunqandwe ukubulawa kwaMakhosi neziNduna esifundazweni.
Bangu-55 sebebonke abaholi bendabuko asebebulewe esifundazweni kusukela ngo-2019