NgoLwesihlanu lomhlaka 1 Novemba, 2024 okwabe kungusuku lwesibili lokuyiswa kwePhalamende kubantu,kwendulelwa ukuhlala kwendlu yesiShayamthetho lapho wonke amalunga amaqembu ezepolitiki ayisithupha ameleleke esiShayamthetho saKwaZulu-Natali, abamba inkulumo mpikiswani emayelana nombiko wethimba lamaqembu Axubile ngalokho akuthola ngesikhathi ehambela oMasipala besifunda Ilembe.
Emva kwenkulumo mpikiswano amalunga esiShayamthetho abe evotela umbiko lokhu ekwenza ngaphannsi kwamaqembu awo. Amaqembu amathathu okubalwa, African National Congress, Democratic Alliance, Inkatha Freedom Party kanye nele National Freedom PartyFP avumelana nombiko. Mamqembu mabili okuyi Economic Freedom Party kanye nelo Mkhonto weSizwe Party wona aphikisana nombiko. Lokhu okwaba nomphumela wamavoti angu 39 avumelana nombiko kwathi angu 38 aphikisa, nokwaphetha ngokuthi iqembu leEFF lizwakalise ukungenami ngomphumela wamavoti.

