![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/image-29.png)
SHEILA MHLONGO
Ngo-2023, umculo owumdanso waseNingizimu Afrika, Amapiano, ulalelwe izikhawu eziwu-1.4 billion kwiSpotify. Lolu hlobo lo mculo selingenise ngendlela emangalisayo eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe kangangokuthi umhlaba wonke uhlanyiswa Amapiano njengoba kuyaye kuqhudelwane noma kubanjiswane. Lokhu kungenisa kangaka kuholele ekwethulweni kweziko
Iminyaka ewu-10 yAmapiano elibheka konke okwenzekile kule minyaka eyishumi edlule, izinto ezihlukile ezenzekile ne-podcast engalalelwa yinanoma ngabe ubani ofisa ukwazi kabanzi ngomlando walo mculo, izingoma nekusasa lawo.
Unyaka okwahlasela ngawo ubhubhane iCOVID-19 lwashintsha izinto ngokukhula kwAmapiano. Ngo-2020, lo mculo walalelwa izikhawu eziwu-100 million okulandelwe ngeziwu-300 million ngo-2021 okuwadumise kakhulu.
Iminyaka ewu-10 yAmapiano yethulwe namhlanje mhlaka-14 Juni, nokwandulela ukuthi iNingizimu Afrika igubhe uSuku lweNtsha. Umhlaka-16 Juni wusuku olwaba yingqophamlando entsheni yasezweni ilwela inkululeko nobulungisa. Namhlanje isebenzisa Amapiano njengeziko lokubeka imibono, izifiso zayo nokutshengisa ukubekezela nobuciko.
Ukweseka izinhlobo zomculo ovutshelwe kuleli zwe
NgoJuni wango-2023, iSpotify sethula i-Afrobeats: Journey of a billion streams, iziko elahlanganiselwa ukubungaza i-Afrobeats. Ngokwethula Iminyaka ewu-10 yAmapiano, iSpotify sizibophezela kakhulu ekwesekeni ukukhula kwezinhlobo zomculo ezivutshelwe e-Afrika.
Udabuka emalokishini aseNingizimu Afrika, Iminyaka ewu-10 yAmapiano ibheka ukukhula kwalo mculo futhi utshengisa uhambo lwawo kanjalo nokuqhakambisa abanye babaculi bawo abaqavile. Nazi ezinye izibalo ezimqoka ngAmapiano kwiSpotify kule minyaka ewu-10 edlule:
○ Akhule ngo-345k%+ ngo-2023 uma kuqhathaniswa no-2014
○ Isalelwe izikhawu eziwu-855 million selokhu uqalile u-2024.
○ Ukulalelwa kwamanye amazwe kukhule ngo-153k%+ ngo-2023 uma kuqhathaniswa no-2014
○ Abaculi besifazane bakhule ngo-87% ngo-2023 uma kuqhathaniswa no-2022
○ U-40% wabalaleli uneminyaka ephakathi kwengu-18 nengu-24
“Enye yezinto ezikhuthazayo ngokubona ukukhula kwAmapiano kule minyaka ewu-10 edlule wukubona abantu bewasebenzisa ukuzikhulumela,” kusho uNks uPhiona Okumu, iNhloko yoMculo eSpotify eSub Saharan Africa.
Ukugqamisa ukukhula kwAmapiano Iminyaka ewu-10 edlule
Ngaphezu kwalokho, iSpotify izoba nomcimbi ozohanjelwa ngosaziwayo nabazindaba baseNingizimu Afrika, eKenya, eNigeria, eJapan, eBrazil, eGibhithe, eFrance, eMelika nase-United Kingdom isonto lonke bebheka umlando wAmapiano nanokukhula kwalo mculo kwamanye amazwe. Lolu hambo lwaqala ngoJuni ngonyaka odlule ngosaziwayo nezintatheli zezwekazi futhi seliyakhula manje ukufaka namanye amazwe angaphandle kwase-Afrika lapho Amapiano edume khona.
Nampa abaculi abahamba phambili, izingoma namazwe abashisisa izinto kule minyaka ewu-10 edlule ngokolwazi lweSpotify:
Izingoma zAmapiano ezihamba phambili kule minyaka ewu-10 edlule
Umculi | Iculo |
Tyler ICU | Mnike (feat. DJ Maphorisa, Nandipha808, Ceeka RSA, Tumelo_za & Tyron Dee) |
EeQue, S.N.E, TitoM, Yuppe | Tshwala Bam (feat. S.N.E, EeQue) |
DJ Maphorisa, Kabza De Small, Mthunzi, Sizwe Alakine, Umthakathi Kush, Young Stunna | Imithandazo (feat. Young Stunna, DJ Maphorisa, Sizwe Alakine & Umthakathi Kush) |
Kamo Mphela, Khalil Harrison, Tyler ICU | Dalie (feat. Baby S.O.N) |
Ami Faku, DJ Maphorisa, Kabza De Small | Abalele |
Chley, EeQue, Justin99, Pcee, Tony Duardo, Uncle Waffles | Yahyuppiyah (feat. Pcee, EeQue & Chley) |
Davido, Focalistic | Champion Sound |
Daliwonga, M.J, Mellow & Sleazy | Abo Mvelo (feat. Mellow & Sleazy & M.J) |
Emotionz DJ, Happy Jazzman, Mashudu, Soa Mattrix | Mina Nawe |
DJ Stokie, Omit ST, Sobzeen, Zee_nhle | Awukhuzeki |
Abaculi abahamba phambili kule minyaka ewu-10 edlule
● DJ Maphorisa
● Kabza De Small
● Tyler ICU
● Mellow & Sleazy
● Kelvin Momo
● Focalistic
● Young Stunna
● Aymos
● Daliwonga
● Mas Musiq
Amazwe ahamba phambili ngokulalela Amapiano kule minyaka ewu-10 edlule
● INingizimu Afrika
● IMelika
● I-United Kingdom
● I-Nigeria
● IJalimane
Izingoma zAmapiano ezihlanganisiwe ezihamba phambili ngo-2024
● AMAPIANO grooves
● SoulPiano
● Beast Mode Amapiano
● Amapiano 101
● Amapiano Rising
Iminyaka ewu-10 yAamapiano isikhona kwi-For The Record yeSpotify Amapiano destination on-platform.
Ungangithinta uma unemibuzo