![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/UZubenathi-Ngcanga-wazisa-abantu-ukuthi-sebuyile-pic2.jpg)
OWAMI THABETHE
UZubenathi Ngcanga(24) owaziwa ngelika BZ The Boy odabuka endaweni yaseFlagstaff ozinze eThekwini ongu mculi we Hip Hop kanye ne Piano waqala ukucula eneminyaka eyishumi ngo 2010. Ukhiphe ingoma ethi Black Beauty ayicula kanje noDropper, iyatholakala ezinkundleni zomculo I Spotify, Youtube kanye no Apple Music. Ube esenxenxa abalandeli bakhe ukuba bayiphe indlebe lengoma ngoba imnandi kakhulu.
Uqhube wathi ufisa abantu bazi ukuthi uzokhipha I EP I(Relate II) entsha njengoba kade esephumile emculweni iminyaka emibili kodwa le EP izokwazisa abantu ukuthi sebuyile emculweni. uZubenathi uphethe ngokuthi engakujabulela uma abantu bengawulandela futh bawuthokozele umculo wakhe bawunike uthando ube yimpumelelo. Uyatholakala ezinkundleni zokuxhumana okubalwa u Facebook( Zubenathi Ngcanga), facebook page (BZ The Boy), ku Instagram (@bztheboyrsa), Tiktok (@bztheboyrsa) kanye naku whatsapp 073 782 7995