![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/07/WhatsApp-Image-2024-07-25-at-14.29.41_ac4904d0.jpg)
Sanbonani bantu bakithi nasi iseluleko esibalulekile kubo bonke abanezingane ezingabafana . Kunomkhuba esinawo singabantu wokungayinaki ingane yomfana ekukhuleni kwayo. Ezikhathini eziningi ingane yomfana iqala ukuba yinto ezoba yiyona ebudaleni isencane ngenxa yezinto ezinganakekile eziyehlelayo ekukhuleni kwayo.
Ekudlaleni kwayo nezinye izingane kungenzeka ihlukumezeke igcine yakha inzondo ngaphakathi bese ifuna amaqhinga okuzilwela yona. Igcine iloleke ukubayingozi kwabanye ikhule nalobobungozi . Kubalulekile uma umuntu enengane yomfana ake azinike isikhathi sayo noma ilanga elilodwa ahlale nayo nje phansi kujatshulwe ayibonise uthando ize ikhululeke kungenzeka ixoxe ngezinto ezenzeka ekudlaleni kwayo nezinye izingane bese uyayeluleka .
Obhalayo Umfundisi Katlego Nare