Amaqembu ezepolitiki awadedele abantu bakuleli bazibonele ngokwabo umphumela wamavoti abo

Amaqembu aphikisayo aPhalamende awadedele abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bazibonele bona ngokwabo umphumela wamavoti abo, ngaphandle kokubaphazamisa ngezinkulumo ezinohlevane azibhekise kuMengameli kanye nakumaqembu angaphansi kukahulumeni wobumbano (GNU).

Lombono uza emuva kokuthi ngoLwesine lwangomhlaka 18 Julayi uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ethule inkulumo yePhalamende lesikhombisa (7), ebidle ngezethembiso ezizwakale ziletha ithemba kulabo abafisa ukuyibona kanjalo kanti kwabanye abaholi bezepolitiki ibibonakala ifana nezethembiso ezenziwa uMengameli ngaphambili, ngesikhathi iqembu leANC kuseyilo ebeliphethe umbuso ngalodwana.

Kungenzeka nokho ukuthi wonke amaqembu ezepolitiki abethamele lenkulumo izwakale kahle kuwona njengoba bekuqala ngqa ukuthi kuthule kuthi cwaka ngesikhathi uMengameli ethula inkulumo, okuyinto engajwayelekile, njengoba sazi ukuthi iqembu le EFF livame ukuba nemibhikisho esuke ibhekiswe koMengamel, lapha sibala kusukela kulowo owabe enguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma kanye naye uMengameli wezwe okhona njengamanje uMnu Ramaphosa.

Lamaqembu aphikisayo futhi aphambene nobukhona be GNU, kuzomele akhumbule ukuthi uRamaphosa akaseyena uMengameli we ANC nje kuphela, kodwa manje ungumholi kahulumeni wobumbano(GNU), ngakho izethembiso azenza ngaphambili zazihambisana neqembu lakhe leANC futhi namalunga ekhabhinethi abe engaphansi kwayo iyodwa i-ANC, futhi kuyiwona ayebhekene nokufezekisa imigomo kahulumeni.

Manje sekumele kubhekwe umehluko njengoba sekuphethe uhulumeni we GNU onamalunga ekhabhinethi avela emaqenjini ehlukene, nawo abengahambisani nendlela iqembu leANC ebeliphethe ngayo umbuso.

Okunye futhi okumele kucatshangwe amaqembu aphikisana nombuso we GNU ukuthi, abantu kumele badedelwe baziqokele bona indlela abafuna ukubuswa ngayo ngaphandle kokubeleselwa ngenqembu elilodwa ngoba nakhu linomholi abakholwelwa ukuthi ungcono kunabanye abaholi noma akanasici.

Abantu baseNingizimu Afrika yinye into abafuna ukuyibona ukuthi, ingabe ivoti labo lizobasebenzela yini ngaphansi kombuso weGNU, nokuthi bafuna ukubona uzinzo, oluzobalethela amathuba angcono emisebenzi, awezomnotho, imfundo engcono,kanye nokwenziwa ngcono ukulethwa  kwezidingo ezifana namanzi, ugesi, ezokuthuthwa kwendle,izindlu, umhlaba wokwakha amakhaya kanye nokunye.

Sengiphetha ngingasho ukuthi leli ithuba elihle kakhulu lokuthi bonke oNgqongqoshe ngokweminyango yabo ehlukene banikwe ithuba lokuthi bananele inkulumo kaMengameli uRamaphosa ngokuthi benze konke lokhu okuthenjiswe uMengameli, ukuze abantu kube yibona abazoba amajaji, hhayi abaholi bamaqembu aphikisana nohulumeni weGNU.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *