Ingqophamlando e MUT kuqokwa owesifazane kwesikaPhini likaShansela

OWAMI THABETHE

IMangosuthu University of Technology (MUT) imemezele ukuqokwa okuyingqophamlando kukaSolwazi Nokuthula Sibiya njengePhini likaShansela elisha, owesifazane wokuqala ukuphatha lesi sikhundla esihloniphekile emlandweni weminyaka engu-45 walesi sikhungo.

Esitatimendeni lesi sikhungo sithe lokhu kuqokwa  kuza ngesikhathi esibalulekile njengoba i-MUT iqala isikathi esisha sokuphumelela kwezemfundo, ukusungula izinto ezintsha kanye nokuxhumana nomphakathi.

IMUT ithe uSibiya, odabuka elokishini laseMlazi, unolwazi olunzulu nokuzinikela ekuphumeleleni ezifundweni.

USolwazi Nokuthula Sibiya uqokwe njengePhini likaShansela elisha eMangosuthu University of Technology, kanti  uzophinde uqale  isikhundla sakhe ngokusemthethweni ngomhlaka- 01 Agasti, okuzophawula ukuqala kwesahluko esisha esijabulisayo kule nyuvesi.

“Njengomcwaningi osezingeni eliphezulu kanye nesikhulu esingumakadebona, isizinda sakhe esibanzi semfundo nobuholi simbeka kahle kakhulu ekutheni aqhubekisele phambili i-MUT iye ”, kusho i-MUT. Uhambo lwakhe lwezemfundo, olumakwe ngezindondo eziningi kanye nezindima zobuholi, lukhombisa ukuzinikela kwakhe ekuthuthukiseni imfundo ephakeme kanye nokugqugquzela indawo yokukhula nokusungula izinto ezintsha.”

I-MUT yengeze ngokuthi umbono kaSibiya nge-MUT ugxile ekuphumeleleni kwezemfundo, ukusimama kwezezimali kanye nokuthuthukiswa komnotho womphakathi. Kuthiwa uSibiya uhlose ukuthuthukisa amakhono enyuvesi ocwaningo, ukukhuthaza ukusebenzisana kwezinhlanga ezahlukene kanye nokusungula izikhungo zocwaningo ezisezingeni eliphezulu. Isu  lihlanganisa ukwethulwa kwezinhlelo zezemfundo ezincintisanayo emhlabeni wonke ezihambisana nezidingo zemboni, ukuqinisekisa ukuthi abaphothule eMUT balilungiselele kahle ikusasa labo.

Ephawula ngokuqokwa kwakhe, uSibiya uthe, “Ngizizwa ngihloniphekile ngokuhola iMangosuthu University of Technology njengesekela likashansela elisha. Lokhu kuqokwa kuwukunqoba okuhlangene kwabo bonke abesifazane abafisa ukuguqula imigoqo ebavimbelayo. Ngizibophezele ekwakheleni phezu kwefa le-MUT eliziqhenyayo kanye nokusebenza ngokubambisana nobuhlakani bethu, abasebenzi kanye nabafundi ukuze ngiqhubekisele phambili ukusebenza kahle nokusungula izinto ezintsha. Ngokubambisana, sizokwakha inyuvesi ephilayo nebandakanya wonke umuntu enikeza abafundi bethu amandla futhi ebambe iqhaza elibonakalayo ekuthuthukisweni komphakathi wethu.” kuphetha uSolwazi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *