Selidumela emasumpeni ngomcimbi wama KZN namuhla Artists Awards 2024 kanti nezinga lamaciko azobe encintisana likhule ngendlela emangazayo, njengoba kulonyaka uqeda iminyaka emithathu yasungulwa, uMhleli wawo uNksz. Sheila Mhlongo ophinde abe umsunguli wephephandaba.
Lomncintiswano weKZN Namuhla Artists Awards usungulwe ngonyaka ka 2022 ngenhloso yokuhlonipha amaCiko aKwaZulu-Natali asafufusa okuhlanganisa nawaseThekwini namaphethelo.Kuphinde ngawo kubungazwe iminyaka yokusungulwa kwephephandaba okuhambisana futhi nokubungazwa kwenyanga yamaGugu eba njalo ngo Septhemba.
Iphephandaba iKZN Namuhla lasungulwa ngenyanga kaSepthemba 1998. Lokhu okwenza ukuthi lonyaka kube oka-26 labakhona.
Ngonyaka ka 2022 lomncintiswano waheha amaCiko ayevela komasipala abehlukene base KZN okuhlanganisa neTheku. Kanti bonke abadla umhlanganiso kulomncintiswano babevotelwe ngendlela ye SMS. Ngonyaka ka 2023 kube sekungenela namaCiko avela ezifundazweni iGauteng, Eatern Cape kanye KZN kusetshenziswa yona indlela ye SMS.
Kulonyaka ka 2024 kushintshile indlela yokuvotelwa kwamaCiko ngoba kusetshenziswa uhlelo lokuthengwa kwamavoti ngenani lika R2, ivoti ngalinye imali ifakwa ebhange lephephandaba.
“Ngesikhathi siqala loluhlelo lokuvotisa ngokuthengwa kwamavoti ngalendlela sasinovalo sicabanga ukuthi ingase ingamukeleki kumaCiko, kodwa samangala sesibona likhula isasasa lokungenelwa komncintiswano njengoba isibalo sikhule sayofinyelela ku 45 wamaCiko.” Kuchaza uMhleli.
Eqhuba uMhleli uthi empeleni enye inhloso yokwenza lomncintiswano ngalendlela yokuthengwa kwamavoti ukuqokelela imali yokusimamisa iphephandaba kanye nokubhekana nezindleko zokusingatha lomcimbi wokuhlonipha amaCiko athole amavoti amaningi kunamanye.
“Okuhle kakhulu kulonyaka ukuthi ngaphezu komklomelo wezindondo kanye nezitifiketi wonke amaCiko athole amavoti amaningi azothola nomklomelo ongeziwe kaCash osukela ku R250 kuya ku R1500 nangaphezulu kuye ngokuzimisela kwawo amaCiko.” Kubeka uMhleli.
Ukuvotelwa kwalomncintiswano weKZN Namuhla Artists Awards 2024 kuvulwe ngomhlaka 15 Juni kanti uyoze uvalwe phakathi namabili ngomhlaka 3 Septhemba.UMhleli uphinde waveza ukuthi lisekhona impela ithuba lokuvota kumaCiko.
Kulomcimbi futhi uMhleli uyophinde ahloniphe nabesifazane abenza umehluko emphakathini abavela emikhakheni eyahlukene okubalwa ezobuCiko, ezemfundo, kanye nezokusakaza.
Kuwo lomcimbi uMhleli umema abalandeli bamaCiko, abezindaba kanye nomphakathi waseKZN kanye naseThekwini namaphethelo ukuthi ufike uzozibonela amaCiko eshiyelana inkundla ethola nemiklomelo yawo. Imali yokungena : General- R100 kanti ama VIP – R150 emnyango.
Ephetha uMhleli uthe lomcimbi we KZN Namuhla Artists Awards uyobe ubanjelwe eThekwini Community Church, kunombolo 163 Smith Street, ngoMgqibelo womhlaka 7 Septhemba 2024 kusukela ngehora lika 11 ekseni kuya kwihora lesithathu ntambama.