OWAMI THABETHE
Ukugqugquzelwa kokubumbana komphakathi kanye nokwethula abaculi bakaMaskandi abasafufusa ithuba lokuziveza ngokushiyelana inkundla nezaziwayo zomculo kuphinde kwagqama emcimbini we-11 we-Impucuzeko Maskandi Festival.
Lo mbukiso womculo, okunconywe ngawo uMasipala weTheku ngempumelelo yawo, ubuseMoses Mabhida’s People’s Park ngomhlaka-18 Agasti.
Lokhu bekuyingxenye yesivumelwano seminyaka emithathu seDolobha sokusebenzisana nabagqugquzeli ekusingatheni lo mcimbi.
Bangaphezu kuka-25 000 abathandi bobumnandi abavela ezweni lonke abatheleke ogwini lweDolobha ukuze bathamele lo mbukiso womculo, kanti amabhizinisi angaphezu kuka-50 athole ithuba lokuthuthukisa ukudayisa kwawo kulo mcimbi.
Okhulumela uMasipala weTheku uGugu Sisilana uthe iDolobha lizoqhubeka nokweseka abaculi abasebasha abasathuthuka kanye nosomabhizinisi abancane ngosizo lwezimali kanye nokubethulela amasu ngamabhizinisi.
“Siyaziqhenya ngokuphatha omunye futhi umkhosi oyimpumelelo. Le festiveli eseyibizwa ngeNdebe yoMhlaba yomculo kaMaskandi, ayizange igxile kwezobuciko kuphela, kodwa iphinde yethula osomabhizinisi abangaphezulu kuka-50 ithuba lokuhwebelana,” kusho uSisilana.
Bekushisa inkundla kudlala abaculi okubalwa kubo uGatsheni, Stabhilithi, Mzukulu, Khuzani, Sminoff, Ntencane, Amageza Amahle, Mlabalaba, Sdoni noSgwebo sentambo nabanye abaningi.
UNtethelelo “Ghanda-Ghanda” Buthelezi, ongumholi weqembu lamantombazane ayishumi nanhlanu, i-Omelisizwe, yaseMpangeni ungomunye wabacule ingoma yokubonga ngethuba abalinikwe yiDolobha nabahleli bemicimbi.