iTheku linenhloso yokuthuthukisa ezokuvakasha kuleli

OWAMI THABETHE

IMeya yeTheku, uMnuz Cyril Xaba, uthe inani lemali engu-R350 000 uzonikezwa izinhlangano zemiphakathi  isikhathi esinyiminyaka engu-9, ngenhloso  yokuthuthukisa ezokuvakasha zendawo.

Ngesikhathi exoxisana neKwaZulu-Natal Growth Coalition Businesses ngesonto eledlule, uXaba uthe njengoba kusondela isikhathi sasehlobo, iDolobha lizoqala uchungechunge lwemikhankaso yokumaketha – kuleli nakwamanye amazwe – ukuze kukhangiswe iTheku njengendawo ethandwa kakhulu izivakashi.

UXaba wengeze ngokuthi ukusungulwa koHulumeni Bobumbano Lwezifundazwe kanye Nezifundazwe kwamukelwe kahle yizo zonke izinhlaka zomphakathi, okuhlanganisa nosomabhizinisi, futhi lokhu kubonakale embikweni wakamuva weBusiness Confidence Index wekota yesibili ka-2024 oveze  ukuzethemba kwedolobha osekuthuthukile kusuka ku-38.42 kuya ku-55.49.

“IDolobha lisaqhubeka nokusingatha imicimbi emikhulu yamazwe ngamazwe eletha izinkulungwane zezivakashi kuleli dolobha. Ukwenza isibonelo, ngoMeyi kulo nyaka, sibe nengqungquthela ye-Africa’s Travel Indaba elande izivakashi ezingaphezu kwezi-9000 ezivela emazweni angama-75.

Lo mcimbi uwodwa ufake imali engaphezu kuka-R500 million kwi-GDP yedolobha.

“Siphinde futhi sabamba ama-Durban Tourism Business Awards aminyaka yonke ayingxenye yezinhlelo zethu zangemuva kweCovid-19 zokuvuselela imboni yezokuvakasha,” kusho uXaba.

IMeya ibihlangene nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo abatshalizimali kuleli dolobha, yancoma abatshalizimali ngokuzibophezela kwabo kuleli dolobha, okubonakale ngezinga eliphezulu lokutshalwa kwezimali abebelifake ngamaphrojekthi akhuthazayo nezinye izinhlobo zokutshalwa kwezimali.

Ephetha uXaba uthe bafuna ukuqinisekisa osomabhizini ukuthi bayaziphendula izikhalazo zabo mayelana nokubambezeleka kokuphasiswa kwezicelo zentuthuko.

UXaba uphethe ngokuthi: “Siyazisheshisa lezi zinhlelo ngoba sifuna ukuthi niqhubeke nokwandisa ukutshalwa kwezimali kwenu edolobheni ukuze sikwazi ukubhekana nezinsongo eziphindwe kathathu zobubha, ukuntuleka kwemisebenzi nokungalingani.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *