OWAMI THABETHE
Amalunga ePublic Servants Association asesibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial acele uNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnuz Thami Ntuli ukuthi angenelele kulesi simo sokuntuleka kwabasebenzi kulesi sbhedlela okwenza kusebenzeke kabuhlungu . Le nyunyana ithi isithole amacala ehlukene esifundazweni lapho abasebenzi bezempilo behlukunyezwa ngisho emsebenzini, baphinde basola abaphathi ngokungaphathi ngendlela nokucwasa abantu.
Okhulumela le nyunyana uMnuz Mlungisi Ndlovu, uthe sebeziphakamisile lezi zinkinga nabaphathi besibhedlela.
“Baphatha abantu njengezilwane. Manje abasebenzi bafuna ukwesula bashiye isifundazwe futhi mhlawumbe bashiye izwe, ngakho ngeke silahlekelwe amakhono ngoba abantu abakwazi ukuphatha kahle izisebenzi. Uma uphikisana noMatron, bazobe sebekunikeza ilivu ngaphandle kokuhola”, kuchaza uNdlovu.
Laba basebenzi bathi ziningi izinselelo ezingakaxazululeki ezifana nokushoda kwabasebenzi, nesimo esingesihle sokusebenza sesithwalise kanzima isibhedlela iminyaka eminingi.
NgoLwesine mhla zingu 15 Agasti, uNdunankulu waKwaZulu-Natali, kanye noNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke, uNkk Nomagugu Simelane, bavakashele esibhedlela bengalindelwe beyobheka isimo.
UNgqongqoshe uthe inhloso yalolu hambo bekuwukuhlola izinselelo ezibhekene nesikhungo, nokungamemezeli ukuvakasha kwabo kuthela izithelo eziningi futhi kubenza baqonde iqiniso langempela, nokuyilapho ebone khona ukuthi abahlengikazi bakulesi sibhedlela abawufaki umfaniswano wabo ogcwele.
Omunye umsebenzi etshela ebezindaba I SABC NEWS uthe, “Ngifuna uguquko ophikweni lwethu futhi lolu phiko engisebenza kulo lunoshevu, sinezinkinga eziningi ngoba abaphathi abazimisele ngokusilalela yingakho sinezinkinga eziningi. Sidinga ukulalelwa futhi sidinga abaphathi behlele kithina. Ngisho nomphathi omkhulu wesibhedlela akafuni ukusilalela.”
USimelane uthe ngokuvumelana nenkulumo yakhe yesabelomali esiShayamthetho , ukuthuthukiswa kwengqalasizinda – ikakhulukazi ekuthuthukiseni ukuhlinzekwa kwezidingo zezempilo kuseqhulwini, kanti lesi sibhedlela singesinye sezibhedlela ezizohlomula kulokhu.


