Kuvalwe inyanga kaAgasti ngokubungaza abesifazane abasemkhakheni wezokuVakasha

Esithombeni:UGugu GUmede, Poppy Khoza, Zanele Vyl,Nokuthula Ndlovu,Johanna Makgamele,

OWAMI THABETHE

Abesifazane abavela emikhakheni eyahlukene embonini yezokuvakasha bebehlangene eSilokazi’s eNanda eThekwini mhla zingu 29 Agasti, lapho iDurban Tourism ibambe khona umgubho wabesifazane kwezokuVakasha, njengengxenye yokugubha inyanga yabesifazane kuMasipala weTheku.

Izithunywa nosomabhizinisi besifazane bahlangane ukuze bahlonze ezinye zezingqinamba ababhekane nazo emkhakheni wezokuvakasha baphinde bahlonyiswa ngokuthola izinsiza zebhizinisi namathuba embonini.

Kwabanye abebekhona kubalwa umqondisi weCivil Aviation Authority, uPoppy Khoza; usihlalo weSahluko saseNingizimu Afrika se-Indian Ocean Rims Business Forum, uNokuthula Ndlovu; kanye nesikhulu esiphezulu seqembu kwa-Travel with Flair, uJohanna Makgalemele.

UNdlovu ugqugquzele abesifazane ukuthi basebenzise ubuchwepheshe ukuze baqinisekise impumelelo yamabhizinisi abo. Uthe kubalulekile ukuthi abantu besifazane batshale imali yabo embonini yezokuvakasha.

Ugqugquzele abanye besifazane ukuthi batshale izimali zabo kwezokukhangisa .

“Kukhona iTik Tok, okuwumnotho wedijithali kanye nemali. Ungenza imali ukhangisa lapho ukhona bese ucobelelana nezindaba zakho,” kusho uNdlovu.

Uthe kunomnotho endaweni yezokuvakasha futhi kubalulekile ukuthi abesifazane abamabhizinisi kwezokungcebeleka bacobelelane ngolwazi ukuze bafukulane.

Njengabantu baseNingizimu Afrika endaweni yezokuvakasha, sinedatha eningi kakhulu. Ake sizihlele.  asizidayise lezi zindaba emhlabeni wonke mayelana nezokuvakasha zethu futhi senze isiqiniseko sokuthi iTheku liyindawo yokuqala esiyigqamisayo,” kuphetha uNdlovu.

UMagkalamela yena uveze ukubaluleka kokubambisana kubantu besifazane, bangavezelani umona ngalokho bangakwazi ukufinyelela  ngmabhizinisi ahlukene angabasiza ukuthi bafeze izinhlelo zamabhizinisi uma kwenzeka bedonsa kanzima.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *