OWAMI THABETHE
Abalimi baKwaZulu-Natali babala izindleko zokulahlekelwa kwabo kulandela isiphepho seqhwa ngesonto eledlule esigubuzele iMidlands neFree State.
Likhithike kakhulu kusukela ngoLwesihlanu olwedlule kwaze kwaba yiSonto nokwadala ukuphazamiseka kwemigwaqo eFree State, KwaZulu-Natal, nase-Eastern Cape, kwashona naba.
Zibalelwa ku R100 000 izindleko ezidalwe iqhwa kubalwa imfuyo efile kanye nezitshalo.
UMnuz Zinto Nxele ongumfuyi wezimbuzi eTugela Ferry ngaphansi kukaMasipala waseMsinga ulahlekelwe yizimbuzi ezingu-12 ngoMgqibelo odlule ngenxa yamakhaza nemvula. Uthe imali elahlekile ingaphezulu kuka-R30 000.
“Ezimbuzini ezingu-200 ebezisesibayeni kwashona ezingu-12, amakhaza abeshubisa umnkantsha kanti lezi zilwane ziyazwelana namakhaza, akujwayelekile ukuthi sibe namakhaza anjena kule ndawo ejwayele ukushisa isikhathi esiningi. Abalimi abangomakhelwane nabo balahlekelwe yizinkomo,” usho kanje.
UMnuz Mbongeni Sikhakhane, onguSihlalo we-African Farmers’ Association of South Africa (AFASA), uthe isimo sezulu sangesonto eledlule sibe nomthelela omubi kubalimi baseKZN, okuphazamise abalimi abahwebayo nabasafufusa.
“Kube yinhlekelele enkulu. Abalimi balahlekelwe yizilimo, imfuyo nezinkukhu. Njengabalimi abancane, sithembele kuhulumeni ukuthi asisize. Iningi alinawo umshwalense.
Inqwaba yabalimi abasafufusa bahlala ezindaweni ezijulile zasemakhaya futhi abanalwazi ngezixwayiso zesimo sezulu ukuze bazilungiselele,” kusho uSikhakhane.
UMnuz Snenhlanhla Mngadi, omele abalimi besifazane be-AFASA, uthole imibiko evela kumalungu abo ngokucekelwa phansi kwezakhiwo ezigcina ukushisa nezilimo zabo.
UMnuz Vusi Zuma, okhulumela uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya KwaZulu-Natali, uthe baqoqa imininingwane ezifundeni ezahlukene zabalimi ezikhahlanyezwe yiqhwa.
“Siyitholile imibiko ngezigameko. Sisebenzisana nezinhlangano zabalimi ukuhlanganisa imininingwane,” kusho uZuma.