UNaledi Pandor uqokwe njengoSihlalo omusha webhodi yeNelson Mandela Foundation

Esithombeni: uDokotela Naledi Pandor onguSihlalo omusha we Nelson Mandela Foundation

OWAMI THABETHE

INelson Mandela Foundation isimemezele ukuqokwa kukaNaledi Pandor njengosihlalo wayo omusha weBhodi Labaphathiswa.

UPandor uthatha izintambo kuSolwazi Njabulo Ndebele, osesebenze eBhodini iminyaka engama-25, kuhlanganisa iminyaka eyishumi enguSihlalo.

Ngokusho kokhulumela le nhlangano, uTshepang Motsekuoa, uPandor uzoba ngumuntu wesithathu kuphela ukuphatha lesi sikhundla kusukela uNelson Mandela asungula le nhlangano ngo-1999, ngesikhathi uSolwazi Jakes Gerwel eba nguyena owasungula le nhlangano.

UNdebele uzwakalise ukubethemba ubuholi bukaPandor, wathi, “U-Pandor uzonikeza iSisekelo kulenhlangano lokho esikudingayo esigabeni esilandelayo sokuthuthuka kwayo”.

Wazindla ngokuthatha kwakhe umhlalaphansi, wathi sekuyisikhathi sokuthi ahoxe athathele ubuholi obusha.

Ibhodi kanye nabasebenzi bazwakalise ukubonga ngokuzinikela kukaNdebele.

UPandor, oyilungu lePhalamende osenesikhathi eside ekhonza kanye nowayenguNgqongqoshe Wezobudlelwano Namazwe Ngamazwe, wasebenza eduze noMadiba ngesikhathi iNingizimu Afrika ibusa ngentando yeningi ngeminyaka yawo-1990 futhi ungelinye lamalungu ePhalamende aseNingizimu Afrika asebenze isikhathi eside kunawo wonke ePhalamende.

Usebenze ezindimeni eziningi zobuholi ngendlela ehlukile, eyakamuva nje ekaNgqongqoshe wezoBudlelwane bamazwe ngamazwe.

“Ngiyathobeka futhi ngiyajabula ukuphathiswa le ndima, ezweni elibhekene nezinselelo eziningi eziyinkimbinkimbi, ukuhlanganisa umlando kaMadiba kubaluleke kakhulu kunangaphambili. Ngikholwa ukuthi i-Nelson Mandela Foundation yenza umsebenzi obaluleke kakhulu endaweni yobulungiswa bezenhlalakahle, futhi ngibheke ngabomvu ukufaka isandla esiphusile.” kubonga uDkt Pandor.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *