Kuqinisekiswe izinsolo zokuhlukunyezwa kwezingane e-ABH Children’s Home yaseChatsworth

Esithombeni: Ngqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natali, uMbali Shinga.

OWAMI THABETHE

Umbiko udalule ukuthi ziyiqiniso izinsolo zokuthi izingane ezihlala e-Aryan Benevolent Home (ABH) Childrens Home eChatsworth zike zahlukunyezwa yizisebenzi ezizinakekelayo  ezinyangeni ezedlule.

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natali, uMbali Shinga, wethule imiphumela yophenyo lwabo mayelana nezinsolo zokuhlukunyezwa nokungondleki kwezingane e-ABH.

Ngokombiko wabo, i-ABH, inhlangano engenzi nzuzo nePublic Benefit Organisation, ihlinzeka ngezinsizakalo kubantu ababuthaka abangaphezu kuka-610 nsuku zonke futhi isineminyaka eyi-101 isebenza. I-ABH inezinsiza ezinhlanu endaweni yaseThekwini, ezinakekela abantu abadala nezingane. I-Children’s Home igcina okungenani izingane eziyi-102 ezineminyaka ephakathi kweyisi-7 neyi-11, ezivela ezinhlangeni ezihlukene.

Ephelezelwa yizikhulu eziphezulu zomnyango, uShinga wethula imiphumela yombiko kubaphathi be-ABH nezinhlaka zayo. Umbiko uthathe amasonto amathathu ukuphothulwa.

UShinga uthe uphenyo lubandakanya ukuxhumana nezingane zasekhaya kanye nabasebenzi. Kuqinisekisiwe ukuthi izingane zihlukunyezwe ngokomzimba nangendlala. Ukuhlukunyezwa kwakuhlanganisa nokulambisa izingane nokujeziswa ngokushaywa . Kwazona izingane zathi zazihlale zitshelwa ukuthi ziyahlupheka futhi akufanele zikhononde.

UShinga uthe lo mbiko ukhombisa izithombe zamafriji lapho kugcinwa khona ukudla elingasebenzi elingafanele ukugcina ukudla okuzodliwa ngabantufuthi alifanele ukuba kwizindawo ezinakekela izingane.

UShinga uthe izingane eziningi azikwazi ukubamba iqhaza ezinkolweni zemvelaphi yazo.

U-HOD womnyango uNelisiwe Vilakazi uthe uphenyo luthole ukuthi i-ABH ayizange ihlole isizinda sabasebenzi babo, ikakhulukazi ngokuhambisana noSection B yerejista yokuvikelwa kwezingane futhi  likhona icala elivuliwe kwaSAPS kodwa lisazophothulwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *