USbusiso Shange ubonge kwi-KZN Namuhla ngokumhlonipha esaphila
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/10/1.png)
USbusiso Justice Shange okuyigama abizwa ngalo kwezobuciko ngaphandle emkhakheni wokulingisa ngoba ulithola khona igama.Uzalelwe endaweni yaseZingolweni ngaphansi kukamasipala wase Zinqoleni.Ukhulele khona nalapho aqale khona amabanga akhe aphansi eMansfield Primary School kwathi aphakeme wawenza eMdlabathi Secondary School.Ngokuhlala usendaweni yase Lovu eManzimtoti ngokusebenza usebenzela umnyango wezokuphepha(South African Defense Force kusukela 1997)
USbusiso ungumbhali wezincwadi eziningi kusukela 1990 cishe zingaphezu kwamashumi amane ezitholakala kwimitapo yolwazi KwaZulu Natal namaphethelo.Ziyatholakala ezitolo zamabhuku ,ubhala amanoveli,izindaba ezimfishane,izinkondlo,documentary,film script kanye nemidlalo yeshashalazi.Uke wasebenza neMbongeni Ngema perfoming arts njengombhali wemidlalo weshashalazi lapho uke wabhala umdlalo oyisihloko esithi Azibuye Esezadlula,lowomdlalo ugcine usudlala endaweni eseqopheleni eliphezulu ePlayhouse eThwekwini.
Into eyamenza athande ukubhala nokunye kwezobuciko ukuthi kwenza ingqondo ihlezi icabanga izinto okumele uzenzele abantu ukuze behlale bethokozile.Uthe okunye umkhakha wezobuciko ukwenza ukuba njalo ucabange ngokwehlukile.Uphinde abe umlingisi emidlalweni ewuchungechunge, uke wadlala indawo ephambili emdlalweni osihloko esithi The devil behind owabukiswa kwi Durban International film festival owawukhonjiswa ezindaweni eziningi,uke wadlala kuZalo oludlala kuSabc 1, waphinde walingisa kuDurban general edlala ke etv okokugcina udlale emdlalweni wase UK osihloko sithi The stolen kanye neminye eminingi.Uthe umkhakha wezobuciko wenza ungazibandakanyi nobugebengu kanye nezidakamizwa eziyingozi ngoba njalo kumele ube nento okumele uyenze.
Kumjabulise kakhulu ukuwina kumaKZN Namuhla Artist Awards uzizwe ehloniphekile kakhulu ngemuva kweminyaka engaphezu kwamashumi amathathu aqala ukubhala.Ubonge nokuthola ukuhlonipheka esaphila okuyinto engajwayelekile.Uqhube wathi amaAwards agqugquzela amaciko emikhakheni eyahlukahlukene .Useke wahlonishwa iShare out University Movement Ministries ngezinqu zobuProffesor in arts ngemuva kokulandela ibanga aselihambile emikhakheni yezobuciko,uke wahlonishwa nange ngestifiketi yiOxford University kanye nomnyango wezobuciko KwaZulu Natal,wahlonishwa ngestifiketi ngokubanga iqhaza kwiArticulation creative writing kwi Essence Festival,waphinde wabongwa yi Sollywood film ngokubamba ngezinto eziningi kanye nokulingisa kuyo.
Ephawula ngendlela okuvotwe ngayo kulonyaka uyincome kakhulu uthe ibiveza uthando abantu abanalo ngawe nabathanda umsebenzi wakho,kanye nababalandeli bakho.Uqhube wathi kugcina sekuba nabantu abaningi abaqonda kagcono ngalokho okwenzayo ngoba bagcina sebekhuluma ngawe bonke abantu bese uvotelwa nayilo ongakwazi. Uthe ukuba yingxenye yamaKZN Namuhla Artist Awards kuyakhulisana ngoba kukufundisa ukukhuluma nabantu,uqhubeke wathi uma engathola elinye ithuba lokungenela amaKzn namuhla awards angawangela.
Udlulise kakhulu ukubonga kubantu abamuvotelile kakhulukazi amasosha avote kakhulu noma umyalezo wafika isikhathi singekho abakhalaze kakhulu ngalokho athe kumele akulungise ngonyaka olandelayo,ubonge nomphakathi omeseke ngendlela eyisimanga yize isimo somnotho sitshekile kdwa ukhombisile ukuthi bayawuthokozela umsebenzi wakhe futhi bayawuthanda.Udlulise umyalezo kumaciko wokuthi angazenyezi ngakwenzayo ngoba akekho osuke esemizweni yawo ngesikhathi wona enza lokhu okubathokozisayo,uthe abokwamukela ukugxekwa yilabo abasuke sebewuzwile noma bewubonile umsebenzi wabo,babheke ukuthi loyomuntu uyakha noma uyagxeka.Okunye uma kuvela ithuba basebenze ngokuzikhandla ukuthola amavoti amaningi ngoba kubamba ezingelayo.Esevala uthe iKZN Namuhla Artist Awards isinike ithuba eliyingqayizivele abalithokozele kakhulu.
UMzikayise Ndlovu uthe usangaphinda awangenele ama-KZN Namuhla Artist Awards uma engathola elinye ithuba
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/10/2.png)
UMzikayisa Ndlovu owaziwa ngelika Mzitch.Udabuka endaweni yakwaMaphumulo phakathi kwamadolobha amabili iKwadabeka kanye neKranskop kodwa inkaba yakhe yasala eKranskop wakhulela kwaMaphumulo nokuyilapho ubuciko bakhe buchume khona,namanje usahlala kwaMaphumulo.Ngokusebenza ungumsakazi emsakazweni womphakathi iradio ikhwezi fm.
Ngokomculo wenza iAfro pop kodwa emcimbini obuhlelwe iKZN Namuhla ubengene kumkhakha wokubhala izincwadi nalapho ebe umbhali wezincwadi ovelele(Best author of the year).Ukucula nokubhala izincwadi ukuqale ngonyaka owodwa ngo2003.Ngokomculo kuyimanje usestudio upheka umsebenzi wakhe wokuqala ozophuma ngoZibandlela njengeqembu akulo iThe Dyards.Ukwenza loluhlobo lomculo waluthanda kakhulu ngesikhathi elandela iqembu iMafikizolo kuze kube manje leliqembu liyisibuko somculo awenzayo.Ukubhala izincwadi ugqozi walufakelwa nguDokotela uNakanjani Sibiya.
Ubonge uJehova ngamathalente amuphe wona,nabantu abamuvotelile ukuze agcine enqobile kumaKZN Namuhla Artist Awards,ucacisile ukuthi ukube bebengekho ngabe akayihlomulanga lendondo.Useke wahlomula kweminye yemiklomelo lapho esuke ehlonishwa ngamagalelo akhe emphakathini,ubeqala ukuhlomula lapho eqhathwe namanye amaciko kwiKZN Namuhla Artist Awards.
Uphawule ngendaba yokuvota uthe yayimangaza wabona uthando olukhulu oluvele kubalandeli bakhe kanye nozakwabo asebenza nabo.Uthe angakuthokozela ukuphinde abe yingxenye yamaKZN Namuhla Artist Awards ngoba ayakhulisana kakhulu ukwazi nokubona umsebenzi wakho ukuthi usekuliphi izinga.
Udlulise kakhulu ukubonga kubantu abamvotelile wabafisela okuhle kodwa nokuthi uJehova engathi angabagcina abusise nemindeni yabo,baqhubeke njalo bameseke bangakhathali uma ecela ukwesekwa.Kumaciko udlulise ukuthi kumele azi ukuthi akuphunyelelwa kanyekanye empilweni,yonke into inesikhathi sayo uma ukholelwa kuwe futhi uzethemba kugcina kulungile.Uthe amaciko awazinikele,azethembe uma enza into lokho kuyobasiza angeke kube khona izithiyo zempilo eziyobavimba.
USboniso Gcabashe uthi ukuwina kwi KZN Namuhla Artist Awards kukhuphule amandla abe nawo
![](https://kznnamuhlanews.co.za/wp-content/uploads/2024/10/3.png)
USboniso Gcabashe owaziwa ngelika Sboh G wazalelwa eMandeni oKwiwi endaweni yasemakhaya eMacambini kwesenkosi uMcambi esgodini saseLambothi kuward 08.Okuyilapho akhulela khona ekhuliswa isalukwazi umaMsibi ogane kaXulu osohlangathini labokamama wakhe.Ekhaya bobaba wakhe kuse Ndulinde kwaGcabashe. Ngokuhlala usendaweni yase yasoTongaat ngokusondezela amatoho.
Waqala ukwenza izinkondlo ngonyaka ka2014 inkinga kwakuba ukurekhoda kwakunzima okwakwenza amathuba okukhipha abe mancane . Uke warekhoda izingoma eziningi namaciko asethe ukulakha igama asaphusha futhi kulendima njengoGcokama lendalo,Khuzuthisha,Shakira,Mlekeleli,Jey unknown,Bhuti Gumede,Bongiwe G baningi,ungumuntu opikwa kakhulu kumaskandi nakwezinye izinhlobo uke wasebenzisana nazo. Ukhona ke nomsebenzi awenza eyedwa utholakala kuYou tube channel yakhe okuwu Sboh G usamatasa ngokuwufaka kwezinye izinkundla zokuxhumana. Isihloko seEP agcina ngayo ukuyikhipha ngonyaka ka 2023 esihloko esithi Abantwana bami kukhona izingoma ezine kuyo okubalwa Abantwana bami, Uthando ft Bongiwe G, Ikhaya lami ft Lza kanye nethi Vuma ft Lza, abantu asebenze nabo bayavela uma usesha igama lakhe ku You tube.
Into eyenze akhethe ukwenza lomsebenzi ingenxa yothando analo ngolimi lweSizulu okuwulwimi obeluphasa nangamalengiso esikoleni,nenkulumo engahlelelwe ubephuma phambili kuyo.Nokukhuliswa isalukwazi kube nomthelela ekuthenini akwazi ukukhuluma Isizulu ngendlela efanelekile.Bese kuba khona iphepha lesibili esizulwini la kusuke kuhluzwa khona izinkondlo ubezenzela ke lapho ubehlezi ephuma phambili kwase kwakheka uthando lokuhaya inkondlo. Kunobhuti okuthiwa uMzoh owaziya ngelika 3 owavele washaya ubeat wathi akashaye inkondlo ayike lapho wenza ezibukwayo igama lenkondlo uThando oluyisimanga bayithanda kakhulu abantu,yilapho abona khona ukuthi unekhono wakhipha eyesibili eyayithi Phuma langa sikothe ngonyaka ka 2015 kodwa ube esegxila kakhulu ezinkondlweni ngonyaka ka 2018. Sekukhona nabantu ababukela kuye nabancela ulwazi lwezinkondlo kuyena lokho kumuthokozisa kakhulu.
Ukuthokozele kakhulu ukuwina kwakhe kwi- KZN Namuhla Artist Awards uthe imincintiswano ubengajwayele ukuyingenela ngenxa yokuba matasa, uqhubeka uthi ukunqoba lendondo ikhuphule lamandla abanewo asekwelinye izinga manje futhi ukhuthazekile ukuthi aqhubeke asebenze ngokuzikhandla.Ubuye wacacisa ukuthi ubeqala ukuwina njengoba uke washo ukuthi ubengajwayele ukungenela imincintiswano.
Uyincomile indlela okwakuvotwa ngayo ukuthi yayineqiniso yize bekubanzima kumuntu ongayijwayele ifoni. Uphinde wakubeka kwacaca ukuthi usengaphinda angenele futhi uma kungavela ithuba lokungenela ama-Kzn Namuhla Artist Awards.Udlulise kakhulu ukubonga kubantu abamuvotela wagcizelela ukuthi engathi uThixo angababusisa ngokumeseka kangaka.Uphinde waqinisa amaciko ngokuthi angalilahli ithawula ngoba akulahlwa mbeleko ngakufelwa ngoba ukuhlehla kwenqama akusho ukwehluleka kepha ukukhokha amandla wabuye wathi kuhle ukuhluleka uzamile kunokungazami. Uthe awaqhubeke amaciko azimisele,azikhandle emsebenzini wawo. Uphinde waveza ukuthi uyawathanda kanye nephephandaba iKzn namuhla newspaper.