OWAMI THABETHE
Iqembu lomculo elihlonishwa kakhulu i-Elf the Musical kulindeleke ukuthi libonakale okokuqala Ningizimu Afrika eDurban International Convention Centre (ICC) mhla ziyi-16 kuya -29 kuDisemba 2024.
I-Durban ICC isaqhubeka nokuqinisa isithunzi sayo njengendawo esezingeni lomhlaba, edume ngokusingatha imicimbi eyahlukene edonsa izethameli futhi ilethe ezokuzijabulisa ezihamba phambili edolobheni laseThekwini.
I-Durban ICC ikujabulele kakhulu ukusebenzisana ne-The Young Performers Project kanye ne-Warner Bros ekuhleleni i-Elf the Musical. Lo mkhiqizo uthembisa ukuletha okungenakulibaleka ngesikhathi sikancibijane okuhlanganisa imidanso, umculo ohehayo, kanye nendaba ethinta imizwa eyeqa imingcele yamasiko.
I-Elf the Musical iyindaba ethinta inhliziyo, ethwebula kahle umoya kaKhisimusi ngohambo lukaBuddy.
‘’ Sijabule kakhulu ukusebenza ngokubambisana ne-Young Performers Project ukuletha i-Elf the Musical eNingizimu Afrika okokuqala ngqa. Lokhu kubambisana kukhombisa ukuzibophezela kwethu ekwesekeni ezobuciko nokunikeza intsha amathuba. Sikholwa wukuthi i-Elf the Musical izoba yingqwele ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi eThekwini.” kusho uJohn Aritho oyiChief Operating Officer ye-ICC eThekwini.
Kanti ngomhlaka 20 kuOkthoba kulindeleke ukuba kuqale inhlolokhono yamathalente okucula, ukudansa nokulingisa kwizingane ezineminyaka engu 4 kuya kwengu 12. Abazophumelela ibona abazobe bebambe iqhaza emdlalweni ye Elf the Musical.