OWAMI THABETHE
Sebemi ngomumo osomabhizinisi abancane abaphuma ezinhlakeni ezahlukeni eThekwini njengoba bevivela ukudayisa nokubukisa ngemikhiqizo yabo kwi Durban business fair ehlelwe nguMasipala weTheku ozoba KwaMnyandu Shopping Centre kusukela mhlaka 25 Okthoba kuya kumhlaka 27 Okthoba 2024.
Abalelwa ku-130 amabhizinisi azinze eThekwini abhalisile ukubukisa ngemikhiqizo yabo ehlukahlukene kulombukiso wezinsuku ezintathu, exoxisana nezinkulungwane zabathengi abazobe behambele umbukiso.
Ngaphezulu kwalo mbukiso, i-DBF izophinde ibambe neBusiness Indaba yezinsuku ezimbili yokuhlomisa amabhizinisi. Izihloko okuzogxilwa kuzo kakhulu kwiBusiness Indaba zizoba ngamadlelandawonye nokuthuthukisana,ukwakhana nokukhulisana njengosomabhizinisi abasebancane.
Lo Mbukiso uzophinde uhlanganise neFlavours of Durban, lapho abapheki bendawo bezoshintshana ekhishini bekhombisa ngamakhono abo okupheka.
Okunye okuveziwe ingxenye ye-Durban Film Office lapho izinkampani ezididiyelayo zizocobelelana ngolwazi kuphinde kube nesivumelwano senkontileka namabhizinisi asafufusa amafilimu nawethelevishini ngesikhathi kuqhubeka ingxoxo enesihloko esithi ‘Understanding the film and TV business.
Ikhona ne-Kiddiepreneur esohlwini lombukiso, lapho osomabhizinisi abasezingane bezoveza amakhono nokukhalipha kweze bhizinisi ukuze kuqinisekiswe ukuthi imbewu yebhizinisi itshalwa isencane.