OWAMI THABETHE
AboPhiko Lwezezezulu LwaseNingizimu Afrika (i-South African Weather Service) bakhiphe isexwayiso ukuthi abantu bahlale beqaphile ngesimo sezulu esibi esizayo.
“Izwe lisaqhubeka nokubhekana nezimo zezulu ezimbi kusukela ekukhithikeni okungajwayelekile, izikhukhula, izivunguvungu, imimoya elimazayo kanye namagagasi okushisa ngenxa yemiphumela yokuguquguquka kwesimo sezulu,” kusho uNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli uKhumbudzo Ntshavheni ngomhlaka 11 Okthoba ngesikhathi kunesithangami sabezindaba ePitoli.
Ngesonto eledlule, abakwaSAWS bagqugquzele umphakathi ukuthi uhlale uqaphile njengoba izinyanga ezizayo zika-Okthoba noNovemba zingase zihlaselwe amagagasi okushisa, iziphepho ezinamandla kanye nokungenzeka kube nemimoya elimazayo.
Izaziso zesimo sezulu zidluliselwa kuzo zonke izinkundla zemidiya, kuhlanganisa neziteshi zomsakazo zomphakathi.
UNgqongqoshe uthe maduze iKhabhinethi izothola Isu lokulawulwa kwezinhlekelele , okuhlanganisa nokuxhaswa ngezimali zokulungisa izinhlekelele.