Izintombi zikaVumile zithe ukuwina kwazo kukhombisa ukuthi zibhekiwe futhi abantu bayawuthanda umculo wazo.

Izintombi zikaVumile zibizwa kanjalo nasesteji,ziqhamuka eMbumbulu endaweni yase-Embo esgodini saseChobeni ,kodwa zitholakala eMayville.Zicula umcula kaMaskandi, zaqala ukucula ngonyaka wezi2012.Igama le-albhamu yazo yokuqala ithi u’uBhontshisi’,eyesibili isihloko esithi ‘Induku yendoda’.Into eyenza ukuthi zikhethe loluhlobo lomculo yingoba emakhaya bezihamba kakhulu imuvalelo zicula umculo wesintu yilapho okwakheka uthando lomculo wesintu.Zikujabulele kakhulu ukuwina kumaKZN Namuhla Artist Awards kumkhakha weBest Maskandi Artist,zithi ukuwina kwazo kukhombisa ukuthi zibhekiwe futhi abantu bayawuthanda umsebenzi wazo.Ngonyaka wezi2012 Izintombi zikaVumile zangenela umncintiswano owawenziwe yi-Mpucuzeko kanye noMnyango woBuciko  naMasiko zafike zanqoba zawina ithuba lokurekhoda,zarekhoda I-albhamu esihloko sithi u’Bhontshisi’. Ziyijabulele nendlela obekuvotwa ngayo ziphawule zathi bekuyindlela egcono futhi eneqiniso,ziphinde zathi angeke baliyeke elinye ithuba uma lingavela elokungenela amaKZN Namuhla Artist Awards .Zidlulise ukubonga kakhulu kwabazivotelile zithe bangapheli amandla bazivotele njalo.Ziphawule zathi kumaCiko  angawinanga angapheli amandla,aphinde angenele futhi ngokulandelayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *