Bantu bakithi ninjani ngithemba niphilile , ngicela ukuniqwashisa bakithi niqaphele ukulalela izinto ezikhulunywa ngabantu ezinkundleni zokuxhumana zinganilimazeli izimpilo zenu ngekusasa lenu . Kuningi okushiwo ngabantu okungakulahlisa ikusasa lakho abanye bafika bathi bathunyelwe nguNkulunkulu kanti bazama ukuzakhela udumo nabalandeli bese bakhohlisa izwe lonke .
Ningakuthathi konke okushiwo ezinkundleni zokuxhumana kodwa thathani okuyonisiza ukwakha ikusasa lenu nezingane zenu . Ningavumi ukwethuselwa kuthiwe umhlaba usuyaphela uJesu seyabuya besenilahlela izimpilo zenu phansi ngovalo . Nakwenza lokho nisazohlupheka nihluphekise nesizukulwane senu ngoba akukho mhlaba oyophela abantu basayoqhubeka baphile . Ningakulaleli konke okushiwo ezinkundleni zokuxhumana .