Ukungakhokhwa  kwama- Invoice ezinsukwini ezingu-30 kungukwephula umthetho

SHEILA MHLONGO

UPhiko lwe Public Service Commission olwenganyelwe ukhomishini uAnele Gxoyiya uthi ukungakhokhwa kwama Invoice ezinsukwini ezingu 30 kusalokhu kuyinkinga njengoba kuyisenzo esiphambene nomthetho ngoba kuhlukumeza ilungelo lomphakathi.

Abasebenzi abaphula umthetho wokungakhokheli ama-Invoice alabo abenza ibhizinisi nohulumeni ezinsukwini ezibekiwe ezingu 30 emva kokuthi bethole ama invoice, kumele bathathelwe izinyathelo.

Lokhu uGxoyiya ukusho ngesikhathi kade enomhlangano kanye nabezindaba ngoMsombuluko womhlaka 14 Okthoba, lapho ethe uMnyango kaMgcini Mafa kumele ulusukumele loludaba, nokuthi alungise uhlelo lwenqubo mgomo yokuphathwa kwezimali ngaphakathi eminyangweni kahulumeni.

Eqhuba uGxoyiya, uthe ama-Invoice asedlulelwe isikhathi ngezinsuku ezingu 30 abalelwa ku 1,651 kanti enyangeni kaJuni 2024, inani elikweletwa uhulumeni  ngokwemali ibalelwa ku R97 million.

“Ngokusho  koMnyango wezaMafa embikweni wawo wekota yokuqala kunyaka wezimali ka 2024/25, ama invoice asedlulelwe izinsuku ezingu 30 zokukhokhelwa abalelwa ku 30,571 kanti inani lawo ngokwemali lingu R1,7 billion.

“Iyancomeka kakhulu iminyango kaHulumeni elokhu iqhubeka nokugcina lomthetho, kanti iminyango evela okokuqala kuloluhla iyakhuthazwa ukuthi iqhubeke nokwenza kahle ikhokhele ama-Invoice ngesikhathi esiyizinsuku ezingu-30, njengokomyalelo womthetho we Public Finance Management Act.” kusho uGxoyiya.SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *