Ukuqinisa ubuhlobo phakathi koMasipala kanye nemiphakathi kusetshenziswa ezinye zezindlela zokuxazulula izingxabano

KULOBA:U XOLISWA JWILI

Uhulumeni waseNingizimu Afrika wehlukaniswe izigaba ezintathu, okungakaZwelonke, owesiFundazwe kanye nowoHulumeni baseKhaya. Zonke lezigaba zixhumene futhi zilawulwa inqubo mgomo ekuMthethosisekelo; Kodwa uHulumeni waseKhaya uyingxenye eseduze kakhulu nabantu. Ngokunjalo lomkhakha udlala indima ebalulekile njengoba iwona osetshenziswa ukwedlulisa izidingo ezibalulekile komasipala, kuma metro, emadolobheni, emalokishini, kanye nasezindaweni zasemakhaya. Kungenxa kahulumeni wezasekhaya ukuthi izakhamizi zikwazi ukusebenzisa amandla azo uma kuza ekubandakanyweni kwazo, okuyiyo indlela enomthelela ekwabiweni kwezidingo zawo. Kubalulekile ukuthi uhulumeni wezasekhaya akwazi ukwenza umsebenzi wakhe ngendlela ebonakalayo negculisayo njengokuyalelwa uMthethosisekelo, lokhu kungenzeka ngokuthi kwakhiwe ubudlelwano obuhle phakathi kukahulumeni wezasekhaya kanye nemiphakathi

Ukungalethwa kwezidingo, ukungaphathwa ngendlela komsebenzi nezinsiza kanye nokungabikho kokuxhumana kahle  phakathi kweziphathimandla zikahulumneni kanye nemiphakathi kungezinye zezinto ezimbalwa ezenza kungahambi kahle ubuhlobo phakathi kweziphathimandla kanye nemiphakathi, lokhu kodwa kungadala ukuthi kugudluzwe imigoqo ngokuthi kusetshenziswe ezinye zezindlela zokusombulula ukungqubuzana ezitholakala ngokuthi kungabikho uhlangothi oluphikisa olunye, njengokuthi kuxoxiswane, kubuyiswane, kuvunyelwane,ukuze kuqhamuke izinqumo.

Ukuxazululwa kokungezwani kumayelana nokudala uxolo ngaphandle kokudala umonakalo ebudlelwaneni phakathi kwezinhlangothi. Uma kuzanywa ukuxazulula ukungezwani izinhlangothi ezithintekayo ziyakhuthazwa ukuthi zigxile ekutholeni izixazululo ezizokwanelisa bonke. Lendlela iyona ekahle ukuze kuphele ukungezwani  bese izinhlangothi ezithintekayo zikwazi ukugcina ubudlelwano bazo. Isixazululo kumele siphume ezinhlangothini ezithintekayo.Nakuba kuyinto eziyenza ngokuzinikela njengoba kungephoqwe muntu.

Ezingeni likahulumeni wezasekhaya mayelana nokuqhutshwa kwemisebenzi yakuma-wadi, ukuxazululwa kokungezwani kungaba into ebalulekile ukuthi kugcinwe ukuthula ukuze iwadi isebenze kahle. Ukusetshenziswa kwamaqhinga okuxazulula ukungaboni ngaso linye ngendlela yokuthi kube amalunga omphakathi, amakomidi amawadi, izinhlaka ezahlukene, kanye nama-khansela ama wadi ahlanganyela ndawonye ukuze:

  1. Bathole izinkinga ezikhungethe iwadi, okungaba ezimayelana nokulethwa kwezidingo kubantu,  ukwesweleka kwamanzi kanye nokuthuthwa kwendle, ugesi, izinto ezingasebenzi, kanye nemigodi emgwaqeni.
  2. Kuqokwe abantu abathile abangasiza ukuxazulula ukungezwani, abazokwenza umsebenzi, osonkontileka, kanye neminyango eyahlukene. Isibonelo; uma ukungezwani kudalwa ukungasebenzi kukagesi, ukugcina imininigwane yabantu abavame ukwenza imisebenzi, njengosonkontileka abavame ukulungisa ewadini, kanye nokulandela indlela okumele ilandelwe, uma kwenzeka kuba nenkinga yokuphazamiseka ukulethwa kwamanzi, ugesi, kungasiza ukuthi kunciphise ukuphazamiseka kanye nemibhikisho.Lokhu kungasiza ukuvikela ukuthi kungabiko ukushayisana ngombono kukhuthaze namalunga omphakathi  kanye neziphathimandla zikahulumeni wezasekhaya ukuthi zisebenzisane ukuxazulula izinkinga zasewadini.
  3. Ukuthola indlela yokuxhumana , Kubalulekile ukuze   kuxazululwe  izikinga. Ukuxhumana okucacile kudala ukuthi yonke into ibe sobala kanye nokuthi kube nezimpendulo phakathi kwezinhlaka ezithintekayo, kuvikela nokuthi kungabikho ukusakazwa kwezindaba ezingelona iqiniso.

Izindlela ezehlukene zokuxazulula izinkinga zingasiza ekwenzeni ngcono ubudlelwane phakathi kwemiphakathi kanye nomasipala kunciphise namathuba ezibhelu nokuphazamiseka emphakathini.

Inhlangano iDemocracy Development Program isanda kusingatha uhlelo lwe Local Government Learning kanye ne  Advocacy Network  eyabe imayelana nezindlela zokuxazululwa kokungezwani kwezinhlangano zemiphakathi uma kwenzeka zisingatha izimo ezimayelana neziphathimandla zika hulumeni wezasekhaya.Loluhlelo beluphethwe uNksz Jwini, lapho le workshop yabe iqeqesha izinhlangano zemiphakathi mayelana ne Municipal Systems Act, nokuthi ukusebenzisa wona kanye ne Alternative Dispute resolution ungasiza kanjani ukuthi kube newadi esebenza kahle. Kule workshop ababethamele bathola ithuba lokuxoxisana beza namaqhinga abangakwazi ukuwasebenzisa  njengoba bonke babenezinkinga ezehlukene emawadini abo. Babe sebekhuthazwa ukuthi basebenzise izindlela abazifundile zokuxazulula ukungezwani, bese bebuya nezimpendulo kwi-workshop elandelayo.

IWorkshop elandelayo yenziwa emva kwenyanga elandelayo, lapho kwaqoshwa khona izindaba ezikhombisa impumelelo.Izethameli ze workshop zakuveza ukuthi kwazisiza kanjani ukuqaphela imisebenzi yama-wadi azo njengamathimba kunokwehlukana kanye nokuthi kwazisiza kanjani ukwenza ngcono isikhathi sokulungisa izinkinga zemigwaqo eyonakele, amanzi nokuthuthwa kwendle kanye nomphakathi obanga inonsense. Konke lokhu kusiza ukuthi abamele izinhlangano zemiphakathi bakwazi ukugcina ubudlelwane obuhle phakathi kwazo kanye neziphathimandla.

Njengoba kushiwo uS Marker. “enye yezinto eziyimbangela  yokungqubuzana ngendlela engaxazululeki kudalwa abantu abangazimisele ukubhekana nezinkinga zabo emphakathini .” Ukwesweleka kwezinsiza, ukungaqashwa, inkohlakalo, ukwehluka kwemibono ngokwepolitiki, uhulumeni obambisene, kanye nezinye zezinto ezithinta ezomnotho nenhlalo, kungenza ukuthi kudale ingxabano ezingeni lika hulumeni wasekhaya, kodwa indlela esetshenziswa ukuxazulula udaba kungenza ukuthi kwenze isimo sibe sibi noma sibe ngcono.

Ezinye izindlela zokuxazulula ingxabano zihlangene nezindlela ezisemthethweni kungenza ngcono ubudlelwane phakathi kwemiphakathi kanye neziphathimandla zikamasipala, kuphinde kuvimbe ukuthi kungaphinde kube nokuxabana, kodwa lokhu kudinga ukuthi izinhlangothi zombili zenze isivumelwano kanye nokucabangela imiphakathi.Umthetho iwona okhombisa izakhamizi kanye neziphathimandla ukuthi uqhutshwa kanjani uhulumeni wezasekhaya, ikhombisa indlela ecacile  kanye nemigudu edinga ukulandelwa uma kukhona ukungenzi kahle.

Ubuhlobo phakathi komasipala kanye nezakhamizi akuzihambeli ngabodwana ngaphandle kwezinye izinhlaka ezifana:

  1. IKhansela lweWadi- kumele limele izakhamizi ngokuzicabangela liphinde liqhube ukuxhumana nomphakathi.
  2. UMkhandlu kamasipala – iwona obhekela umsebenzi kamasipala , ubhale inqubomgomo uphinde wamukele isabelomali.
  3. IMenenja kamasipala- iphatha umasipala ngokuthi wenze lokho okuyizinqumo  zomkhandlu , ubhekele ukuhamnjiswa kwezidingo, aphinde kube uyena ophendulayo ngendlela owenza ngayo umasipala.
  4. Zonke izinhlangano zemiphakathi, nalezo ezingekho ngaphansi kukahulumeni, zibhekana nezindaba zenhlalo kanye nezomnotho, emphakathini, ziphinde zifundise ngezentuthuko yomphakathi , izinsiza kanye nokumela izakhamizi. Zisebenza ukubheka ukuthi konke kuhamba kahle kuhulumeni wezasekhaya.
  5. Amabhizinisi, kanye nezinkampani ezizimele-asiza ukuthuthukisa umnotho wendawo, ngokuthi zidale amathuba omsebenzi, zeseke imisebenzi yemiphakathi, zibambe iqhaza elimqoka ekusebenzeni kukamasipala.Zonke izinhlaka zibamba iqhaza ezimpilweni zemiphakathi, ngakho ukugcinwa kobudlelwane obuhle phakathi kwezinhlaka zonke kubalulekile. Ukubandakanywa kwazozonke izinhlaka kuqinisekisa ukukhuthazwa kwamalungelo emiphakathi, avikelekile futhi anikezwa indawo yawo.

Ukusebenza kahle kukahulumeni wezasekhaya kubeka phambili izidingo zomphakathi, kanye nokubeka obala, ukuziphendulela, ukubandakanywa kwemiphakathi , kanye nokuxhumana kungezinye zezinto ezibalulekile ekusunguleni uhulumeni wezasekhaya osebenza kanhle. Lokhu kungazuzwa ngokuthi kube nobudlelwane phakathi kwemiphakathi kanye neziphathimandla , ngokuthi kusetshenziswe izindlela zokuxazululwa kokungaboni ngaso linye ezingeni likahulumeni wezasekhaya.

UNksz. Xoliswa Jwili ungummeli  osazongeniswa oyi- Alternative Dispute Resolution Arbitrator Practitioner, aphinde abe yi-Associate facilitator ye- DDP.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *