SHEILA MHLONGO
UPhiko lwezamanzi kanye nezokuthuthwa kwendle (Water and Sanitation) ngokubambisana nenkampani ephakela amanzi Umngeni Water kanye ne Durban Tourism basingethe umhlangano wezingxoxo nezinhlaka ezahlekene emkhakheni wezokuvakasha, eMoses Mabhida Stadium ngoLwesihlanu lomhlaka 18 Okthoba 2024.
Kulomhlangano obekuzoxoxiswana kuwo mayelana nohlelo lwezokuncishiswa komthamo wamanzi, ubuthanyelwe ama- tour operators, tour guides, accommodations, B&Bs, hotels, restaurants, eateries, shisanyama/lounges, kanye nezinhlangano ezingaphansi komkhakha wezokuvakasha.Loluhlelo uMasipala weTheku uluqale emavikini amabili edlule.
Kulomhlangano abezokuvakasha bathenjiswe ukuthi angeke neze anqanyulwe amanzi , kodwa base benxuswa ukuthi kumele baqaphele ukusebenzisa amanzi ngokuwonga kulesikhathi.
UMnu Phokola Maponya oyi Executive Operations Manager yenkampani Umngeni-uThukela Water uthe inhloso yokuncishiswa komthamo wamanzi ukuthi kongiwe ingqalasizinda yamanzi kuphinde kuvinjwe ukuthi kungabikho isidingo sokuthi kwenziwe okungaphezu kwalokhu. Wathi loluhlelo luzonciphisa kuphela umthamo wamanzi aphuma ohlelweni loMngeni lwamanzi adayiswayo ube amaphesenti ehlisiwe.
Loluhlelo lokuncishiswa komthamo wamanzi luzothatha izinyanga ezingu-12, luzoqinisekisa ukuthi amanzi ahlale ekhona kulesikhathi.
USandile Cele woPhiko lwe Water and Sanitation kuMasipala weTheku uthe ukuqinisekisa ukuthi izakhamizi azithikamezeki ngaloluhlelo bazokwenza isiqiniseko sokuthi bafaka amamitha amanzi lapho engekho khona , banciphise umthamo wamanzi, kanye nokuqinisekisa ukuthi kuyalungiswa lapho kuvuza khona amanzi besebenzisa oplumber bamasemawadini.Wabe esenxusa umphakathi ukuthi wonge amanzi ukuqinsekisa ukuthi kuhlale kunamanzi ngaso sonke isikhathi.
Abavakashi kanye nama tourist eza eThekwini ayaqinisekiswa ukuthi nakanjani loluhlelo angeke lubaphazamise ekutheni bajabulele ukuba sedolobheni ngesikhathi samaholidi okuphela konyaka.
UPhiko lwe Durban Tourism luzibophezele ekutheni lulokhu luxoxisana nabomkhakha wezokuvakasha ngenhloso yokubaqwashisa luphinde lubafundise mayelana nokonga amanzi ikakhulukazi esikhathi sokukwanda kwabavakashi .
Osabambe njenge Senior Manager ye-Tourism Service uJames Cele, uthe iTheku lisalokhu lizibophezele ekwamukeleni izivakashi endaweni esesimeni esihle , futhi ubonge abomkhakha wezokuvakasha ngokusebenzisana okuhle ngokusebenzisa amanzi kahle.

