Umam  uPat Nkonyeni uthi ukuwina kwakhe kumaKZN Namuhla Artist Awards kumgqugquzele nokuthi angasatshiswa ubudala.

UPatricia Mgqadi owaziwa ngoPat Nkonyeni,ikhaya lakhe likaMadiba eMtaise eBizana okuyilapho akhulele khona.Ngokuhlala usemzini wakhe eNyaka eBizana okuyilapho atholakala khona isikhathi esiningi.Ucula umculo wokholo aqala ngonyaka ka2017  kodwa waqala ngo2022 ukurekhoda,I-albhamu yakhe yokuqala esihloko esithi Lizwi Linamandla inezingoma eziyi14, bese eyesibili esihloko sithi Naluthando inezingoma eziyi10 ,eyokugcina ethi It Is Well.Unayo ne-albhamu engakapheli isanezingoma ezine kuphela ezithi Nzulu Yemfihlakalo,Hlala Nami,Khaya Lami nethi Uma Ngimemeza.Uthe umculo wokholo wawuthanda kusukela esahamba usonto skole nase sikoleni kakhulukazi ePatekile JSS lapho wayebhidisa ikhwaya iminyaka eminingi kanye  nomthandazo akade ewenza nabafundi  mase kuphume isikole wamngena lapho umculo. Ukuwina kwakhe kumaKZN Namuhla Artist Awards kumjabulise kakhulu uthi kumgqugquzelile ukuthi angasatshiswa ubudala ngoba umculo awubaleli muntu iminyaka futhi noNkulunkulu akakhonzwa ngeminyaka uthanda wonke umuntu ngokulinganayo.

Useke wawina eCarletonville kwiNAMA Awards izindondo ezintathu kwimikhakha weBest Song Writer,Best Community Outreach kanye ne Best African Artist wawina nestifiketi, eCarto Manor kwiIma Awards wawina kumkhakha weBest Gospel of the Year,wawina kwiThembisile and Thandie Awards emkhakheni weBest Song of the Year,Most voted Artist of the year,Crown certificate nemali.Uphawule ngendlela okwakuvotwa ngayo uthi yayimnandi kakhulu ingenayo ingcindezi yamaSms kwazise abanye bayasebenza abanaso isikhathi sokwenza amaSms.Uthe uma kungavela elinye ithuba lokungenela amaKZN Namuhla Artist Awards angaphinde abe yigxenye yawo,uthe kumaCiko angawinanga nesabo iskhathi siyeza akulahlwa mbeleko ngakufelwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *