OWAMI THABETHE
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMhlonishwa Thami Ntuli ukhuza isihlava sokubhikisha kwemiphakathi ngesikhathi sezivivinyo zikamatikuletsheni njengendlela yokufuna ukulethwa kwezidingo emiphakathini yabo. Uthule lenkulumo ese The Marine building Ethekwini mhla zingu 17 ku Okthoba.
UNgqongqoshe Wezemfundo KwaZulu-Natali uSipho Hlomuka kanye noNdunankulu uNtuli, bathi yize bekuvivele ukubhala kwezivivinyo zikamatric, kepha banovalo ngemibhikisho equbuka uma sekuzobhalwa okuzophazamisa ukubhala kwabafundi.
“ Kuyasikhathaza njengo Mnyango ukuthi kukhona abantu abasebenzisa lelithuba ukulwa izimpi zabo zomphakathi bangacabangeli ikusasa lezingane zabo. Kepha singakusho ngokuziqhenya ukuthi ezokuphepha ziqinile kakhulu akukho okuzophazamisa abafundi” kusho uNtuli.
UNgqongqoshe uHlomuka uthe isifunda saseMlazi kanye nesase Mzinyathi zihamba phambili kulesi sihlava
“Asigcini nje ngokuvikela izikole kodwa siphinde sisebenzisane nomasipala,” kusho uHlomuka.
UPhinde wanxusa izakhamizi zaseKZN ukuthi zeseke imizamo yoMnyango wezeMfundo yokuqinisekisa ukuthi izivivinyo zika-matric azinaziphazamiso.
“Indaba yemfundo akuyona umsebenzi kahulumeni kuphela; kuyindaba yomphakathi edinga ukuzibandakanya kwawo wonke umuntu. Yisona sodwa isikhali esizosiza leli lizwe ukuthi liyephambili, ligcine amathuba omsebenzi, lithuthukise nomnotho,” kwenaba uHlomuka.