Bantu bakithi ngiyanibingelela. Ngicela ukunikhuthaza ngokudla sizwe sakithi , kukhona ukudla esikuthandayo okuzwakala kumnandi olimini kodwa eqinisweni akuyisizi ngalutho imizimba yethu kuyayithambisa ingabi namandla kube lula ukungenwa yizifo ezingomahlalegazini .
Kukhona ukudla okwakudliwa ngokhokho bethu esesakuthatha njengokudla kwenhlupheko kanti cha okhokho babazi amandla okunawo wokuvikela umzimba . Ukudla ngenye yezinto eyayenza okhokho bethu baphile isikhathi eside bengahlaselwa kalula yizifo futhi bengenazo nezibhedlela . Masingaziqhelelanisi kakhulu nokudla kwesintu ikakhulu lokhu okuzimilela phansi okufana nayo yonke imifino yokuzimilela .
Masibuyeleni ezindleleni zabokhokho bethu ukuze siphephe kulokufa osekwabayinto ejwayelekile umuntu usefa engagulile ngoba ayisaqinile imizimba yethu , ukudla yikhona okuqinisa amasosha womzimba