OWAMI THABETHE
Isigungu esilawula isikole, Ingaqa Full Service School, eMtubatuba, enyakatho yeKwaZulu-Natali, simise abadayisi bokudla ngemuva kokugula kwabafundi abangu-43 ngemuva kokudla ama-chips.
Lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko womhlaka 21 Okthoba, lapho abafundi bekhala ngezisu ezingabekezeleleki baphuthunyiswa emtholampilo yendawo nasesibhedlela.
USihlalo we-SGB uMnuz Albert Nkosi uthe bazisiwe ngabaphathi besikole ngalesi sigameko, wabe esebiza umhlangano ophuthumayo we-SGB owaphakamisa ukuthi kumiswe abadayisi emagcekeni esikole.
UNkosi uthe abadayisi kumele bayeke ukudayisa kuze kuphothulwe uphenyo lweziphathimandla oluzocacisa ngezimbangela zokugula kwezingane. Uthe noma bangabuya ngeke besavunyelwa ukudayisela izingane ama-chips.
“Sithe abayeke ukudayisa size sibe nesiqiniseko sokuthi yini imbangela yokugula. Futhi lawo ma-chips ayenani. ” kuchaza uNkosi.
IMeya kaMasipala waseMtubatuba, uMnuz Mxolisi Mthethwa, ithe umasipala uzothumela izikhulu ziyohlola zonke izitolo ukuze kubonakale ukuthi zidayisa ukudla okuseqophelweni eliphezulu yini.
Lesi saga sisuse ukwethuka kubazali abebekhathazekile, nokwenze ukuthi iDA esifundazweni ibhalele uNgqongqoshe wezeMfundo, uMnuz Sipho Hlomuka, imcela ukuthi aqinise imithetho mayelana nabadayisi abadayisela izingane zesikole noma yiluphi uhlobo lokudla.
Nokho iqembu lithe akwanele ukuthi lezi zigameko ezinyantisayo ziphenywe ngazodwana. UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natali kumele uqinisekise ukuthi umgomo uyahlangabezana nokwenziwayo ngokuqinisekisa ukuphepha kwabafundi ngemithetho eqinile mayelana nokudla okudayiselwa abafundi ezikoleni.


